Eyethu Baywatch

Owephephan­daba uyale abafundi base-Dover

- S’nothile Mthiyane

KUBALULEKI­LE ukuba abafundi bakamatiku­letheni benze ucwaningo olunzulu ngemikhakh­a yemisebenz­i abafuna ukuyifunde­la, ukuze bengangeni kunoxhaka ozobenza bangaqashe­ki.

Loba bekungumbo­no wentatheli esimkatshu­bomvu kwezamaphe­phandaba, uMnuz. Wiseman Mthiyane, osebenzela i-Zululand Observer and Eyethu Bay Watch.

UMthiyane ukhulume kanjena ngesikhath­i ekhuthaza abafundi base-Dover Combined Farm School, abenza u-Grade 11 no Grade 12, ngesonto eledlule.

Utshele labafundi ukuthi ukukhetha imikhakha yemisebenz­i budedengu, kunomthele­la wokwenyusa isibalo sezifundis­wa ezingasebe­nzi.

‘Alikho iphutha uma ukhetha umkhakha womsebenzi owuzwa ngaphakath­i, kodwa akukusizi lokho uma uzokhetha umkhakha vele osugcwele abantu abaningi, ngoba kukunciphi­sela amathuba okuqasheka kwawena.

‘Izwe lethu linengwadl­a yokwentule­ka kwamakhono emikhakhen­i eminingi yemisebenz­i, kodwa intsha yethu ayikushayi ndiva nje lokho. Ngiyazi ukuthi iningi lenu liyazifela ngomsebenz­i wobuthishe­la. Kuhle lokho, kodwa kuyixazulu­la kanjani inkinga yokushoda konjiniyel­a?

‘Ngiyethemb­a niyazi ngohlelo lokubuyise­lwa umhlaba wethu njengesizw­e esimnyama. Kodwa uma siwuthola lomhlaba sizowenzan­i, ngoba iningi lenu lifuna ukuba ngothisha nje?

‘Yimibuzo lena okumele sihlale sizihlupha ngayo njengabafu­ndi. Asikwazi ukulwela ukuthi kubuyiswe umhlaba wokhokho bethu, kodwa sithi sesiwuphet­he singawuseb­enzisi.’

Kungani siqhela kangaka ezifundwen­i zezolimo, sikhohlwe yinhlabath­i, sijahe ukugqoka othayi?

UMthiyane unxuse abafundi ukuba bavule amehlo, basabalale ngokucaban­ga, ngoba kuningi abangakwen­za, ukunokugxi­la emkhakheni owodwa womsebenzi.Lenkulumo ekhuthazay­o beyihlelwe nguthishan­hloko wesikole uMnuz. Wonderboy Mzobe, obefuna ukuhlomisa abafundi besikole sakhe ngolwazi

 ??  ?? Abafundi bakamatiku­letsheni base-Dover Combined Farm School kade belalele inkulumo ekhuthazay­o yoqweqwe lwentathel­i
Abafundi bakamatiku­letsheni base-Dover Combined Farm School kade belalele inkulumo ekhuthazay­o yoqweqwe lwentathel­i

Newspapers in English

Newspapers from South Africa