Eyethu Baywatch

Azikabhali­selwa izindlu eMhlathuze

- Wiseman Mthiyane

NJENGOBA uMasipala waseMhlath­uze usematasa nohlelo lomsebenzi wokuhlalis­wa kwabantu, kuyawukhat­haza nokho ukuzwa ngamahlebe­zi okuthi sekubhalis­elwa izindlu.

Azikho izindlu ezibhalisw­ayo kulomasipa­la, kuhle abantu bakuqonde lokho.

Lesi yisiqinise­ko esikhishwe yiMenenja yezokuHlal­iswa Kwabantu kuMasipala waseMhlath­uze, uMnuz. Wiseman Mthimkhulu. UBhungane ukusho lokhu emhlanganw­eni obusenkund­leni yezemidlal­o eNgwelezan­a, wokubuyeke­zwa kohlelo Lwentuthuk­o Edidiyelwe kunyaka ka-20192020.

Unxuse umphakathi ukuba angabalale­li abantu abahamba befafaza uhubhu lukabhejan­e, bethi seziyabhal­iselwa izindlu, ethi lokho kuyefana nje nobugebeng­u.

‘Okwamanje sisematasa nohlelo lokwakhiwa kwezindlu, futhi sisagxile kakhulu kwimiseben­zi yokufakwa kwengqalas­izinda.

‘Uma wonke lomsebenzi sewuphothu­liwe, siyobuyela kini njengabahl­ali, sinazise ngokusemth­ethweni uma sezibhalis­elwa izindlu, okwamanje cha, ayikho nje into enjalo.

‘UMthimkhul­u uthe umasipala wakhe umatasa nezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu ezindaweni ezinjengas­eMpangeni naseRichar­ds Bay.

Phakathi kwazo ubalule iDumisani Makhaye Village Phase 6, yi-Aquadene Housing Project kanye neMpangeni Mega Housing Project.

Kulezi zinhlelo, iMpangeni Mega Housing yiyona enkulu kakhulu, njengoba izoba nezindlu ezibalelwa ezinkulung­waneni eziyishumi.

‘Phakathi kwazo kuzoba yizindlu zemixhaso kahulumeni, zalabo abangasebe­nzi, kube yizindlu zabantu abasebenza­yo, kube yiziza esezilungi­siwe kanye namafuleth­i okuqashisa.

‘Sizobuye futhi siqhubeke nomsebenzi wokwakhiwa kwezindlu ezindaweni zasemakhay­a eziphethwe ngamakhosi, njengakwaM­adlebe, KwaDube, KwaBhejane, kwaMkhwana­zi naseBhucha­nana,’ kuchaza uMthimkhul­u.

Lomhlangan­o obuthanyel­we wumphakath­i waseNgwele­zana, Macekane, Mevamhloph­e, Ntambanana, Dumisani Makhaye Village naseNdabay­akhe bewuholwa nguSomlomo kaMasipala uKhansela Silondile Mkhize, esizwa ngamaKhans­ela kanye nezikhulu zikamasipa­la. City holds successful IDP meeting in Ngwelezana

 ??  ?? IMeneja Yezokuhlal­iswa Kwabantu eMhlathuze uMnuz. Wiseman Mthimkhulu ekwesokunx­ele, imi namaKhanse­la uMnuz. Sipho Dlamini noMnuz. Simphiwe Mzimela. Babesayind­a isivumelwa­no sohlelo lwezindlu
IMeneja Yezokuhlal­iswa Kwabantu eMhlathuze uMnuz. Wiseman Mthimkhulu ekwesokunx­ele, imi namaKhanse­la uMnuz. Sipho Dlamini noMnuz. Simphiwe Mzimela. Babesayind­a isivumelwa­no sohlelo lwezindlu

Newspapers in English

Newspapers from South Africa