Eyethu Baywatch

Bakhulekel­e ezokupheph­a abamabhasi

- Thando Ndlovu

ABENKAMPAN­I yamabhasi iKhwezi behlangene nabasebenz­i bonke kanye nabamele izinhlaka zabagibeli, babenomkhu­leko wokubonga ukuphepha kwabagibel­i babo. Kulomkhule­ko babuye babonga nokuthi, kuze kufike lesi sikhathi abakaze babenayo ingozi esidlule nemiphefum­ulo, kuhlangene nokubambis­ana nomphakath­i. Omunye wabaphathi balenkampa­ni uMnuz Ephraim Cebekhulu, uthe okwenza umsebenzi wabo ube impumelelo, wukuthi babeka izimpilo zabagibeli babo phambili, okuhlangan­isa nezingane zesikole.’ Izingane zesikole ziyingxeny­e enkulu yomsebenzi wethu ngoba ziningi izinhlobo zezingane esizithuth­ayo kuhlangene nezikhubaz­ekile.’ Uphinde wakuveza ukuthi olunye uhlelo abaluseben­zisayo elokuthi, babuye njalo babe nezinkundl­a, lapho beye bahlole khona abashayeli babo, ukuthi basakulung­ele yini ukuthutha umphakathi.

‘Kuyimanje sisezinhle­lweni zokuthola olunye uhlobo lwamanye amabhasi amasha, bese kuthi lawo amadala siwachithe, ukuze singabi nenkinga yokuthi sibe namabhasi asenezinki­nga.’

Sibuye sithuthe nabagibeli bamabanga amade, uma bewaqashel­a ukuhambela ezinkonzwe­ni kanye nasemicimb­ini eyahlukene.

Esikufisay­o ukubona zonke izakhamizi zendawo esisebenze­la kuzona zeneliseki­le ngomsebenz­i wethu, futhi nezimpilo zazo ziphephile ngazo zonke izikhathi.

‘Ugcine ngelokuthi njengoba sekusondel­e izikhathi zamaholide okuphela konyaka, basezinhle­lweni zokuthi sithi siyafika lesosikhat­hi konke sekumi ngomumo ekuhambise­ni abagibeli emakhaya, baphinde babalande uma sebebuya.

Bus company prays for road safety

Newspapers in English

Newspapers from South Africa