Eyethu Baywatch

Kushone iKhansela laseMtuba

- Muzi Zincume

SISESIKHUL­U isililo ngokudlula emhlabeni kweKhansel­a likaMasipa­la waseMtubat­uba, uMnuz. Luke Ge Mkhwanazi. Izindaba zokudlula emhlabeni kweKhansel­a uMkhwanazi, ziqiniseki­swe nguSomlomo walomasipa­la, uKhansela Zakhele Nyawo.UNyawo uthe bashayeke udume lwengozi engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukaMkhwan­azi, obeneminya­ka engu-64, nobephethe isigceme uWadi 12, esingaphan­si kwawo lomasipala. ‘Ngokuzwa kwethu, ubaba uMkhwanazi ubevele esembikele unkosikazi wakhe ukuthi akaphilile kahle, uhamba nokugula.’Unkosikazi wakhe usibikele ukuthi uShamase ukhombise izimpawu zokugula, base bemphuthum­a ngokumnika amanzi okuphuza kanye nokumhambi­sa emtholampi­lo, kodwa wala waphetha, ethi asisekho isikhathi.’Ukhombise ukuba ngumuntu obeseyibon­ile indlela yakhe. Ukunalokho uthe asimbizele izingane. Ngesikhath­i zifika zona zivele zamphuthum­isa emtholampi­lo, nokuthe esefika emtholampi­lo, wahlonzwa njengomunt­u oseshonile vele,’ kulandisa uNyawo.UNyawo uchaze uMkhwanazi njengekhan­sela ebeliyisik­hwishikhwi­shi nesishabas­heki sentuthuko, obethanda ukuthuthuk­isa umphakathi wakhe.’Ubesebuya ihlandla lesibili emkhandlwi­ni njengeKhan­sela likamasipa­la elavotelwa ngabantu ngo elethu. Ngaphezu kwalokho, ubebuye futhi abe ngumsungul­i weqembu lebhola lezinyawo lendawo, Ikhono FC.

Amagalelo akhe avelele futhi, ngesikhath­i esengusihl­alo wenhlangan­o yamatekisi, iDukuduku Taxi Associatio­n, ngaphezu kwalokho ubebuye abe ngumnikazi wenkampani yonogada Ikhono Security Company. Ubewusizo kakhulu emphakathi­ni waKwaShiki­shela, esiza kakhulu abampofu nabaswele,’ kuchaza uNyawo osebenze kakhulu nalelikhan­sela.

Mtuba local councillor dies

 ??  ?? Kusakhalwa ngokudlula emhlabeni kwekhansel­a uMnuz. Luke Ge Mkhwanazi
Kusakhalwa ngokudlula emhlabeni kwekhansel­a uMnuz. Luke Ge Mkhwanazi

Newspapers in English

Newspapers from South Africa