Bafundiswe ngemikhiqizo yezinkukhu
INTSHA yaseNgwelezana namaphethelo ivulwe amehlo, ngomkhakha wezolimo, yatshelwa ukuthi ezolimo azigcini nje kuphela ngezinto ezithinta umhlabathi, kodwa kuningi okunye engakwenza. Okunye kwakho wuhlelo lwemikhiqizo yenyama yenkukhu nokufuywa kwayo. Obeqhamuka eMnyangweni Wezolimo, esifundazweni uNksz. Hlengiwe Ngubane, ephelezelwa nguNkk.
Khanyisile Mthabela, ophethe ehhovisi lezolimo eMhlathuze, bebehlanganise intsha engabafuyi bezinkukhu, bezoyicobelelisa ngolwazi.
‘Kufanele sikuqonde ukuthi inkukhu akuyona eyokufuyelwa ukuthi uyidayise kuphela, kodwa miningi eminye imikhiqizo ongayenza usebenzisa inyama yenkukhu futhi nengagcina isikhulisa ibhizinisi.
‘Njengoba isimo sezomnotho singesihle ezweni lakithi, kufanele singalindeli kakhulu uhulumeni ukuthi asivulele amathuba, kodwa kuhle athi esisiza sibe sinakho okuncane nathi, esethembele kukhona.
‘Uma singathi inkukhu siyifuyela ukudayisa kuphela, lokho kusho ukuthi uma zingathengwa singagcina sesilahlekelwa imali esiyisebenzisile sizilanda, futhi siphinde sizifuye.
‘Ugcine ngelokuthi maningi amathuba angavela uma lemboni ikhula, ngoba singabona kwanda osomabhizinisi kuphinde kuvuleke namathuba emisebenzi.
Ongumhleli walombhidlango uMnuz Moses Ngobese, ubonge bonke abebeyingxenye yaloluhlelo, waphinde wagqugquzela ukuthi aluqondene nalabo abafuye izinkukhu kuphela, kodwa nabangenazo nabo bamukelekile ukuze babenolwazi abayogcina sebelusebenzisa ukuziqalela awabo amabhizinisi.Ubonge kakhulu intsha yakulendawo, ngokungabi namahloni okusondela ngaphambili uma ibizwa, futhi iphinde ibambisane ekuzizameleni izinto eziyisa phambili.
Youth trained on poultry farming