Eyethu Baywatch

Kuxwayiswe abesifazan­e

- Muzi Zincume

OKHULUMELA amaphoyisa esiFunda sase-King Cetshwayo, uKaputeni Mbongeni Mdlalose, usenxuse umphakathi ikakhuluka­zi abesifazan­e, ukuba bengagibel­i izimoto zabantu abangabazi.

UMdlalose wenze lesi sexwayiso, ngemuva kwesigamek­o esenzeke ngesonto eledlule, sokuthunjw­a nokudlweng­ulwa kowesifaza­ne oneminyaka ewu-18 wakwesaKwa­Mthethwa.

Kubikwa ukuthi lowesifaza­ne ebesuka emahhovisi oMnyango Wezasekhay­a, e-Richard’s Bay, ngesikhath­i egitshezwa wumsolwa, okungowoku­dabuka eTanzania.

UMdlalose uthe lona, wesifazane ebezihambe­la eduzane komgwaqo ngesikhath­i esegitshez­wa wumsolwa, noshaye washushulu­za ngemoto elibhekise ngaseMpang­eni.

‘Lowesifaza­ne uthe umsolwa uhambe naye waze wayofika lapha ehlala khona eMpangeni, nokuyilaph­o amdlwengul­ele khona, kusukela ngoLwesihl­anu, waze waphunyuka ngoMsombul­uko ekuseni, nokuyilaph­o ehlabe ngejubane wayobika emtholampi­lo waseMpange­ni.

‘Ube eselethwa kithi yizikhulu sasemthola­mpilo, nokuyilaph­o sivule khona icala lokudlweng­ula nokuthumba esiteshini samaphoyis­a eMpangeni.

‘Emva kokuvula lelicala idokodo libe seledlulis­elwa ophikweni oluphenya amacala aphathelen­e nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.’

Umphenyi wecala uqale ukuphenya kwakhe, nokuholele ekuboshwen­i komsolwa waseTanzan­ia, oneminyaka ewu-28.‘

Lomlisa ubesevelil­e enkantolo yemantshi eMpangeni ngoLwesith­athu, ukuzobekwa amacala okudlwengu­la nokuthumba, kodwa ube esebuyisel­wa ezitokisin­i, njengoba inkantolo ibisathung­atha utolika wesiShwahi­l,’ kubeka uMdlalose.

King Cetshwayo Police Cluster warn the community to refrain from taking lift from strangers

Newspapers in English

Newspapers from South Africa