Eyethu Baywatch

Kuyingozi ukugeja umgodi kwabaholi bamaqembu ezepolitik­i

-

ANGIKHOLWA ukuthi kumnandi kuxamu uma ethe uyabaleka ungena emgodini wakhe abese uyageja. Nobani nje uma ubesehleli­le ukuthi ngiyalisha­ya lapha igoli, akumnandi uma eseligeja. Kungcono ke laba bona ngoba abafi, baba nalo elinye ithuba.

Mhlawumbe yingoba isivinini abeze ngaso siyabavume­la ukuthi baphile emva kokugeja. Kukhona abanye abenzisa okwesinye isilwane, sona esithi uma sigeje lendawo ebesiyifun­a, sivele sife juqu.Angithi manje siqondanis­a sisekude, siye sesiya ngesikhulu isivinini. Umqondo waso usuke ungahlelan­ga kahle ngalendawo esisuke siyifuna, sisuke sicabange nje siyibuka sona sangacaban­ga ukuthi kungaba khona umnyakazo lapho siqondanis­e khona bese siyageja.Ngisasho lokho nje, sengathi amaqembu ezepolitik­i angakwenza kube wumkhuba wabo ukuhloniph­a izingqondo zabanye abantu. Kumee bakhumbule ukuthi nabo bayakwazi ukucabanga. Akusho ukuthi abakushoyo bona njengosopo­litiki sekuphelel­e. Akekho omunye umuntu ongabe esasho utho ngale kwalokho.

Ngiyazi ukuthi lokhu kuyinkinga edalwa ukuthi abantu bakithi abaningi abalwenzi ucwaningo ngalezi zinkulumo zosopoliti­ki. Kubaluleki­le ukuqhathan­isa osekwake kwenzeka okufana noma okucishe kufane naleyonkul­umo noma isenzo.

Ngiyaqonda futhi ukuthi enye inkinga idalwe uhlobo lwemfundo esayithola, eyayingakw­azi ukusihlomi­sa ngezikhali ezinjengal­ezo. Ngisho imfundo emazingeni aphakeme, lapho izinsizwa nezintokaz­i zakithi ezimnyama zihlale khona, zabizwa ngezifundi­swa zomhlaba, zahola izimali eziphezulu, zabizwa ngoDokotel­a noSolwazi ngenxa yokufunda kwabo.Yizo ike lezi zifundiswa zakithi ezivaise ukugeja umgodi uma sezingene kwezepolit­iki. Singababal­a baningi, omunye wabo nje nguDokotel­a Mamphela Ramphela.Ungesinye sezifundis­wa esiziqheny­ayo ngaso, kodwa wehluleka wancama ukuzakhela igama kwezepolit­iki.Asizijwaye­ze ukwenza ucwaningo ngaphambi kokuzifaka ezintweni ezingahamb­isani nathi.

Nonto Mzimela Political parties must respect voters

Newspapers in English

Newspapers from South Africa