Eyethu Baywatch

Bazohlonyi­swa ngezincwad­i zokushayel­a

- Thando Ndlovu

LUFIKE nenjabulo uhlelo lokuhlomul­a ngamathuba okuyofunde­la ukushayela, ngaphandle kokukhokha.

Loluhlelo lwenziwe wuMasipala waseMthonj­aneni, ulwenzela intsha eqhamuka emaWadini angu-13, kuhlangene neqhamuka emakhosini amathathu ekungeyasO­gelweni, kwaSanguye kanye naseNtembe­ni. Ikhuluma kulomcimbi iMeya kaMasipala, uKhansela Sibonginko­si Biyela, ibonge ukubambisa­na komkhandlu wayo namakhosi, uma benezinhle­lo eziletha intuthuko emphakathi­ni abayakhele.

‘Njengoba sibuye savakashel­a nezindawo zemboni yezokuthut­ha, lapho sifike sathatha khona abasizi babashayel­i kanye nabasebene­sikhathi besebenza emarenke, besenzela ukuthi bonke abantu bahlomule njengoba beyingxeny­e.

‘Njengoba sibonile abanye esibafake kuloluhlel­o bahlomulil­e, sekukhona labo asebeseben­za lokho okuyokwenz­a ukuthi, basize imindeni yabo ekuxosheni ikati eziko.

‘Sizimisele ukubona intsha ithuthuka kuyona yonke imikhakha, ukuze kusasa ingazithol­i iphenduka ondingasit­hebeni abangenams­ebenzi walutho, nabayogcin­a sebeyizige­bengu ezihlukume­za umphakathi.

‘Okunye okubalulek­ile ukuthi loluhlelo silwenza ngokubambi­sana nosomabhiz­inisi abakhele umkhandlu.

Lokho okuwukuthi sigwema ukuthatha lokhu okuncane esinakho, sikuyise ezindaweni ezingafane­le,’ kuchaza uBiyela.

Omunye wabahlomul­e ngaloluhle­lo uNksz. Nonhlanhla Biyela, uncome kakhulu umasipala, ethi loluhlelo luzobenza bangqongqo­ze kalula eminyango yokuqashwa. uMthonjane­ni Municipali­ty offers driving lessons

Newspapers in English

Newspapers from South Africa