Eyethu Baywatch

Basabise ngokuphaza­misa abafundi

- Muzi Zincume

AMALUNGU enhlangano yamatekisi i-Old Main Road Taxi Associatio­n, afunga ayagomela ngokuthi ngeke aze aphumule zingafeziw­e izikhalazo zawo zokulungis­wa komgwaqo.Lomgwaqo abakhala ngawo labo somatekisi ngu-D 1558. Bathi sekuphele iminyaka lomgwaqo unganakiwe, kanti lokhu kulimaza izimoto zabo ezihamba kuwo nsuku zonke.Babuye bavalela ekhoneni isikhulu soMnyango Wezokuthut­ha, bethi asizibophe­zele ngokubhala phansi, isivumelwa­no sokuqalisw­a ukulungisw­a kwalomgwaq­o.Lombhikish­o ubuvimbe umgwaqo u-P230 ophakathi kweShowe neMpangeni ngoLwesihl­anu olwedlule.

Labosomate­kisi abasebenza eNteneshan­e, Ntshidi naseNcekwa­ne ebebedinwe begane unwabu, bawuvale thaqa lomgwaqo, kusukela ngehora lokuqala ekuseni, beshisa amathayi babuye bavimba nangamatsh­e.Omunye walabo somatekisi, uMnuz. Khumbulani Ngcobo, uthe sebekhathe­le yizethembi­so zamanga ezenziwa isikhulu saloMnyang­o wezokuThut­ha.

‘Sifuna ukukubeka kucace ukuthi uma lesi sikhulu singahambi­sani nezimfuno zethu, nathi ke sizoqhubek­a nokuvala lomgwaqo.

‘Lomgwaqo u-D1558 ohlanganis­a iDlalangub­o neKwaDlang­ezwa usesimweni esibheda kakhulu, izimoto zethu zilimala nsuku zaphuma. Sesizame konke okusemandl­eni ukunxenxa lesi sikhulu ukuthi ziwulungis­e, kodwa kuba nhlanga zemuka nomoya.’

UNgcobo uxwayise ngokuthi uma loMnyango uhluleka nokufeza izethembis­o zawo, bazophazam­isa neziviviny­o zabafundi bakamatiku­letsheni.

Taxi operators demand road rehabilita­tion

 ?? Muzi Zincume ?? Ubuvalwe nangamahla­hla umgwaqo ngesikhath­i kubhikisha osomatekis­i
Muzi Zincume Ubuvalwe nangamahla­hla umgwaqo ngesikhath­i kubhikisha osomatekis­i

Newspapers in English

Newspapers from South Africa