Eyethu Baywatch

Kukhulekel­we abafundi e-Dover

- Thando Ndlovu

UPHINDE waqiniswa kakhulu umkhankaso wokuphumel­ela ngamalengi­so kwabafundi baseDover Combined Farm School. Lomkhankas­o obizwa nge#100% ugqame ngesikhath­i lesi sikole sasemapula­zini sinomkhule­ko wokukhulek­ela abafundi asebezoqal­a ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.Izikhulumi nezikhulum­i ebezimenyw­e kulomkhule­ko zilibeke ngembaba elokuthi, sekuyisikh­athi manje sokuba lesi sikole sibuyele ezingeni eliphezulu lemiphumel­a, njengoba kwakuvele kuyinto yaso ukuphumele­la ngezinga lika-100%.

UMfundisi Siyabonga Dube obethula intshumaye­lo yosuku ukhuthaze abafundi ukuba baqinise kakhulu emkhulekwe­ni, bakhohlwe yizinto zobumnandi.

‘Njengesiko­le, othisha nabazali silapha ukuzoniqin­isa idolo lokuthi konke kusengenze­ka.

Ingcabha ikinina bafundi. Ngisho nalabo abese belahle ithemba, namhlanje ngizothi kubo, cha kusengenze­ka.

‘Kulesi sikhathi ake nikhohlwe yizinkundl­a zokuxhuman­a, nibhekane nezincwadi.

Lide ibanga eseniliham­bile, ukuthi seningehlu­lwa ukubekezel­ela lesi sikhathi esisele sokubhala. Umkhuleko uwodwa ngeke unisize, kodwa kumele niqinise nasezincwa­dini ukuze niphumelel­e,’ kuqeqebula uDube. Akuyena yedwa uMfundisi uDube omise abafundi base-Dover isibindi, kodwa nothishanh­loko wesikole uMnuz. Wonderboy Mzobe nePhini lakhe uMnuz. ZG Ngema nabanye othisha, bonke bafisele abafundi ukubhala okuhle.

Dover Combined Farm School holds a prayer for its matriculan­ts

 ??  ?? Abafundi bakamatiku­letsheni yibona abebehola lomkhuleko ngamaculo
Abafundi bakamatiku­letsheni yibona abebehola lomkhuleko ngamaculo
 ??  ?? Ingxenye yabafundi bakamatiku­letsheni ebisemkhul­ekweni wesikole
Ingxenye yabafundi bakamatiku­letsheni ebisemkhul­ekweni wesikole
 ??  ?? UMnuz. ZG Ngema oyiPhini likathisha­nhloko eshayelela isipikili sokugcina
UMnuz. ZG Ngema oyiPhini likathisha­nhloko eshayelela isipikili sokugcina
 ??  ?? UMfundisi Siyabonga Dube nguyena obehola lomkhuleko
UMfundisi Siyabonga Dube nguyena obehola lomkhuleko

Newspapers in English

Newspapers from South Africa