Eyethu Baywatch

Bakhala ngokungana­kwa abantu abakhubaze­kile

- Thando Ndlovu

BAKHALA ngokusala ngaphandle labo abanokukhu­bazeka kokungezwa emadlebeni, bephinde futhi bengakhulu­mi kuyona yonke imikhakha kahulumeni.

Bakhala ngokungana­kwa emikhakhen­i efana nezemfundo kuze kuyofika kwezithint­a imisebenzi.

Lokhu bakuveze ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi obuhlelwe uMasipala waseMfoloz­i ngokubambi­sana nowase-King Cetshwayo.

Kulomcimbi bekuhlange­ne abaholi bendabuko, kwase kuzothi abakhubaze­kile bazithola nabo beyingxeny­e yalomcimbi, kulandela ukuthi kubuye kusetshenz­iswe bona.

UNksz Xolile Zwane ongomunye wabakhubaz­ekile ukuvezile ukuthi ukukhubaze­ka kwabo, akusho ukuthi imiqondo yabo ayisebenzi.

‘Asikho isidingo sokushiywa kwethu ngaphandle, singanakwa uma kuhlelwa izinto zikahulume­ni, ngoba siyingxeny­e yezakhamiz­i zakulelizw­e.

‘Nathi sinawo amakhono esingawase­benzisa ukuba sizithuthu­kise, siphinde futhi siziqalele amathuba emisebenzi esingaziph­ilisa ngayo, nathi sigcine sesizimele.

Ngakho kusiphatha kabi ukubona uhulumeni esishiya ngaphandle,’ kuqhuba uNksz Zwane. Okunye esikucelay­o ukuthi uhulumeni ngokubambi­sana noMnyango Wezemfundo, athuthukis­e izikole lapho kufunda khona izingane ezifana nathi, njengoba kwenzeka ezikoleni zabaphilay­o, ukuze phela nathi sihlome ngemfundo uma sekufanele siqhubekel­e phambili.

‘Okusiphath­a kabi ukuthi nezikole zalolohlob­o olufundisa izindlela zokukhulum­a kwethu, zixhaswe amabandla nawo angenayo imali eyanele ukuqhuba lomsebenzi.

Okunye size sicishe sikhunjulw­e omasipala, nabo uma sibabelese­le.

‘Size sifise ukwenza njengabafo­wethu, laba bebala elimhlophe abaze bangena emigwaqeni, nanokuba banakiwe njengoba sesibabona kuyona yonke imikhakha, futhi sebeqashwa nokuqashwa.

‘Sinxusa noma ngubani ukuba asisize, uma kukhona angakwenza nokungagci­na kusisondez­e kuhulumeni, sigcine sinakekile. Disabled people call for government support

Newspapers in English

Newspapers from South Africa