Eyethu Baywatch

Amabomvu asonga ngokulwisa­na nenkohlaka­lo

- Thando Ndlovu

INHLANGANO yamaKhoman­isi esifundeni i-Riot Makomanisi Mkhwanazi isizwakali­se ukukhathaz­eka ngezinga lempilo yabantu bakulendaw­o. Lokhu kugqame ngesikhath­i lenhlangan­o ihambele endaweni yaseGoyint­ethe, ekuWadi 8 ngaphansi koMasipala waseMfoloz­i. Ukuhambela kwalenhlan­gano yamabomvu kulendawo bekuyingxe­nye yokuzokwet­hula ngokusem thet hweni umkhankaso wayo owaziwa nge-Red October Campaign, lapho khona behamba behlola isimo senhlalo yezakhamiz­i zakuleli, babuye baqinise nemikhanka­so yokulwisan­a nokucindez­elwa kwabampofu ngongxiwan­kulu.

OnguNobhal­a walenhlang­ano esifundeni saseKing Cetshwayo uMnuz. David Chonco uthe ukuhambela kwabo eGoyinteth­e kuwukukhom­bisa ukuthi babakhatha­lele kangakanan­i abantu abahlwempu.

‘Asiyona nje inhlangano ekhathalel­e abantu basemadolo­bheni kuphela, kodwa nabantu basemakhay­a sikhathaze­kile ngezinga lempilo abayiphila­yo. Lokhu sikuqondan­ise nokukhumbu­la isigayigay­i sethu uStalin Mtshali, osanda kudlula emhlabeni.

‘Sesiqale umkhankaso wokuthi singahlali phansi silindele abantu ukuthi baze bayongena emigwaqeni, uma kunezinto ezingabaph­ethe kahle. Sifuna ukunxenxa uhulumeni ukuba asheshise uhlelo lokulethwa kwezidingo nqangi zabantu. Obeyisikhu­lumi sosuku uMnuz. Sifiso Gwala, obeqhamuka esigungwin­i esiphezulu samabomvu esifundazw­eni, uthe bazolwela ukusondeza izinhlanga­no ezingamadl­e landawonye ukuze kusheshisw­e ukuletha kwezidingo nqangi kubantu.’Sifuna nokufundis­a intsha ngezinto ezithinta inkohlakal­o, ukuze ikwazi ukuthi ibe nezwi nalapho engaboni kahle khona, ezintweni eziqondene nentuthuko. Sifuna ikwazi ukuvikela izimali zabakhokhi bentela,’ kuchaza uGwala.

SACP launches Red October campaign

 ?? Thando Ndlovu ?? UMnuz. Sifiso Gwala ophake impi yokulwisan­a nenkohlaka­lo
Thando Ndlovu UMnuz. Sifiso Gwala ophake impi yokulwisan­a nenkohlaka­lo

Newspapers in English

Newspapers from South Africa