Basola imiqasho ngobugebengu eMandlanzini
NAKUBA imiqasho eminingi eMandlanzini yakhelwe labo abasuka kude nezindawo zokusebenza, kodwa kubukeka sengathi abanye bayisebenzisela ukwenza ubugebengu.
Esinye isakhamuzi sendawo uMnuz. Almon Dube ukhale kakhulu ngendlela imithetho eyayisingethwe ngayo, ngesikhathi sebebuyiselwa kulendawo ababesuswe kuyona ngendlakadla. Ibuhlungu lento eyenzeka kithi, kwathathwa izindawo zethu, zadayiswa, iningilethu lafuqelwa eNtambanana.’
Okwaba buhlungu kakhulu ukuthi lezozindawo, zawela ezandleni zabangafanele. Abanye babo babethengela ukuqala amabhizinisi benayo imizi yabo, lapho behlala khona, nokwenza bengabi nandaba ngisho izinto zonakala, ngoba nje befuna imali,’ kuchaza uDube.
Okukhalisa kakhulu izakhamuzi zakulendawo ukuthi imiqasho iyona esiminingi ngaphezu kwemizi, injalo futhi isixube yonke inhlobo yabantu kusukela kwabebala elimhlophe, nabaqhamuka emazweni angomakhelwane.
UDube uthe yize bebona ukuthi mkhulu umonakalo osuwenzekile, kodwa basamnxusa uhulumeni ukuthi angenelele, okungenani afake isiteshi samaphoyisa kulendawo.
IKhansela lendawo uMnuz. Praisegod Zondo uthe akuwona umsebenzi kamasipala ukulungisa isimo esidalwe yiwo umphakathi.
‘Okwethu wukubuka ukuthi izidingo zomphakathi ziyafezeka yini, futhi kulukhuni ukungenelela ngoba sebebaningi abahlali kulendawo.’
UZondo ubuye wanxusa umphakathi ukuthi ubambisane nalezozinhlaka zezokuphepha ezingaphakathi, nakuba abanye bekhala ngesihluku sazo.
Lezinhlaka azisukeli muntu, kodwa zibuyisela isimo saseMandlanzini, kwebesaziwa sithule futhi silawuleka.
Community blame rental housing for high crime rate