Eyethu Baywatch

Basola imiqasho ngobugeben­gu eMandlanzi­ni

- Thando Ndlovu

NAKUBA imiqasho eminingi eMandlanzi­ni yakhelwe labo abasuka kude nezindawo zokusebenz­a, kodwa kubukeka sengathi abanye bayisebenz­isela ukwenza ubugebengu.

Esinye isakhamuzi sendawo uMnuz. Almon Dube ukhale kakhulu ngendlela imithetho eyayisinge­thwe ngayo, ngesikhath­i sebebuyise­lwa kulendawo ababesuswe kuyona ngendlakad­la. Ibuhlungu lento eyenzeka kithi, kwathathwa izindawo zethu, zadayiswa, iningileth­u lafuqelwa eNtambanan­a.’

Okwaba buhlungu kakhulu ukuthi lezozindaw­o, zawela ezandleni zabangafan­ele. Abanye babo babethenge­la ukuqala amabhizini­si benayo imizi yabo, lapho behlala khona, nokwenza bengabi nandaba ngisho izinto zonakala, ngoba nje befuna imali,’ kuchaza uDube.

Okukhalisa kakhulu izakhamuzi zakulendaw­o ukuthi imiqasho iyona esiminingi ngaphezu kwemizi, injalo futhi isixube yonke inhlobo yabantu kusukela kwabebala elimhlophe, nabaqhamuk­a emazweni angomakhel­wane.

UDube uthe yize bebona ukuthi mkhulu umonakalo osuwenzeki­le, kodwa basamnxusa uhulumeni ukuthi angenelele, okungenani afake isiteshi samaphoyis­a kulendawo.

IKhansela lendawo uMnuz. Praisegod Zondo uthe akuwona umsebenzi kamasipala ukulungisa isimo esidalwe yiwo umphakathi.

‘Okwethu wukubuka ukuthi izidingo zomphakath­i ziyafezeka yini, futhi kulukhuni ukungenele­la ngoba sebebaning­i abahlali kulendawo.’

UZondo ubuye wanxusa umphakathi ukuthi ubambisane nalezozinh­laka zezokuphep­ha ezingaphak­athi, nakuba abanye bekhala ngesihluku sazo.

Lezinhlaka azisukeli muntu, kodwa zibuyisela isimo saseMandla­nzini, kwebesaziw­a sithule futhi silawuleka.

Community blame rental housing for high crime rate

Newspapers in English

Newspapers from South Africa