Bahlomule ngama-desk
INJABULO ibibhalwe ebusweni kumalungu esiGungu esilawula isikole, othisha nabafundi base-Dover Combined Farm School ngesonto eledlule, ngesikhathi inkampani yakwa-Wildlands izonikela ngama-desk okuhlala abafundi.Lama-desk angu-15 adluliselwe kuthishanhloko wesikole uMnuz.
Wonderboy Mzobe. Lenkampani yakwa-Wildlands, eyakhe lama-desk ingaphansi kwekhwapha lenkampani yakwa-South 32. Ngokuchaza kukaMzobe, lama-desk azodlala inkulu indima esikoleni sakhe, njengoba elindele isibalo esiphezulu sabafundi bangonyaka ozayo, ngenxa yezinga eliphezulu lemfundo elitholakala kulesi sikole.
‘Ngizizwa ngijabule ngalomnikelo esiwutholile wama-desk, futhi ngiyethemba ukuthi lokhu kuyisiqalo sezinto ezinhle ezisazokwenzeka phakathi kwethu nezimboni ezizimele. ‘Empeleni njengesikole sazibophezela ngasekuqaleni kwalonyaka, ukuqinisa umkhankaso wokuzivuselela nokuzakha kabusha, sisabela kwikhwelo elahlatshwa nguMongameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa.
‘Selokhu siqale lonyaka ngegiya eliphezulu siyazibona izimboni nezinkampani ezizimele ziqala zisibuka ngenye indlela. Siyethemba ukuthi isazobuya futhi lenkampani izofaka isandla kwezinye izidingo zesikole, njengoba isikole sethu sisenenziselelo eziningi kwingqala sizinda.’
‘Siyohlala njalo sizivulile izandla kulabo abafisa ukuphosa itshe esivivaneni sokwakhiwa kabusha kwalesi sikole sethu esinomlando wokukhiqiza izinga lemfundo nemiphumela emihle kamati kuletsheni,’ kuchaza uMzobe obebukeka ejabule. Desk donation for Dover School