Eyethu Baywatch

Bakhuthazw­e ngemfundo abaseMgeze­ni

- Thando Ndlovu

BAKHUNJUZW­E ngokubalul­eka kwemfundo, babuye banxuswa ukuba bayisebenz­ise ukuvula yonke iminyango yempilo abafundi baseMgezen­i High School, eNtambanan­a.

Likhuluma nabafundi abebelungi­sela ukubhala izivivinyo zabo, iPhini leMeya kaMasipala waseMfoloz­i, uKhansela Simangele Thabethe lithe namanje imfundo kuyiyo kuphela isikhali sempumelel­o. Uxwayise iningi lentsha engasalawu­leki, eyinxusa ukuba ibuyele esikoleni, ngoba izwe alikwazi ukusebenzi­sa abantu abangafund­ile.

‘Ayikho into emnandi njengokuth­i kusasa uthi uma udlula eceleni kwalesikol­e enifunda kuso, uzizwe ujabula ngoba kulapho osuke uphekwe khona ukuthi uze ufinyelele esicongwen­i, kuchaza uThabethe onanelwe ngehlombe ngabafundi besikole.

UThabethe unxuse abafundi bebanga likama tikuletshe­ni ukuba nakulonyak­a bakuphinde lokho abadume ngakho, ukuphumele­la ngamalengi­so, baqhubeke nokubeka lomasipala kwibalazwe. Ebonga egameni labafundi, uNkosenhle Mthiyane uthe bazibone kubafanele ukuthi benze kahle kulonyaka, njengoba bethole lenhlanhla yokuthi loluhlelo lomkhuleko luqale ngabo. Uphinde wabonga nothisha babo abasebenze ngokuzikha­ndla kusukela unyaka uqala, kuze kube kufika isikhathi lapho sekufanele bazuze lokho abakufundi­le.

‘Nakuba sibe nesikhathi esinzima sokufunda kodwa sibonga othisha na b azalia baku qi ni seki si leukut hi sihlale siphephile.’

Deputy Mayor for Umfolozi Municipali­ty motivates learners

 ??  ?? IPhini leMeya kaMasipala waseMfoloz­i uKhansela Simangele Thabethe ekhuluma nabafundi baseMgezen­i High School
IPhini leMeya kaMasipala waseMfoloz­i uKhansela Simangele Thabethe ekhuluma nabafundi baseMgezen­i High School

Newspapers in English

Newspapers from South Africa