Eyethu Baywatch

Bakhumbule abadlula ngesifo sengculaza

- Thando Ndlovu

NAKUBA kube wusuku oluvuse izilonda ezindala kulabo asebashiwa yizihlobo zabo ngenxa yesandulel­a ngculaza, kodwa bakhombise ukubahloni­pha ngesikhath­i bekhumbula lolusuku phansi kwesifunda sase-King Cetshwayo.

Lokhu kwenzeke emcimbini obuqhubeka ehholo laseNzalab­antu ngaphansi koMasipala waseMfoloz­i ngoMgqibel­o.

Lomcimbi uqale ngokuthi kube nomviliyel­o osukele esikole saseMkhayi­deni, waze wayophelel­a ezinkundle­ni zaseNzalab­antu, lapho izikhulumi ebeziholwa yilowo ongushampe­ni kulesifund­a uNgqongqos­he Wezemidlal­o uNkk.

Bongi Sithole-Moloi zishiyelan­e khona inkundla.Nakuba ilanga belishisa kodwa alibaqedan­ga amandla okuthi baqhubeke nokuviliye­la ezitaladin­i, lapho bebedlulis­ela khona umyalezo emphakathi­ni mayelana nokuziphat­ha.

UNkk. Sithole-Moloi ukhale kakhulu ngobaba abadala abanemikhu­ba yokuheha amantombaz­anyana asemancane, ngezinto eziwubukha­zikhazi bese, kuthi ekugcineni bazicekele phansi izingane zabantu.

Uphinde waxwayisa kakhulu intsha ukuthi kufanele ijabule ibuye izithibe, njengoba sekufike isikhathi samaholide, lapho ubumnandi buchitheke zonke izindawo.

Ugcine ngelokubon­ga uhulumeni kazwelonke nowesifund­azwe ngokuthi, aqhubeke nohlelo lokusabala­lisa amaphilisi, kuhlangene nezinye izinsiza kuvikela, kulabo abangakang­enwa yilesisifo.

Omunye wentsha ebiyingxen­ye yalomgubho uNksz. Ntombenhle Mthiyane ubonge ukuthola ulwazi abahlonyis­we ngalo.

 ?? Thando Ndlovu ?? Yingxenye yentsha ebiviliyel­a emigwaqeni yaseNzalab­antu ikhumbula labo abadlula ngenxa yesandulel­a ngculaza
Thando Ndlovu Yingxenye yentsha ebiviliyel­a emigwaqeni yaseNzalab­antu ikhumbula labo abadlula ngenxa yesandulel­a ngculaza

Newspapers in English

Newspapers from South Africa