Eyethu Baywatch

Imashele ukubhukuda mahhala i-EFF

- Muzi Zincume

AMALUNGU ezinhlanga­no zezombusaz­we e-King Cetshwayo, amashele emahhovisi eZemvele Wildlife ngosonto eledlule, eyodlulisa uhlu lwezikhala­zo zawo.

Lombhikish­o ubuholwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF), ebihambisa­na ne-ANC ne-IFP.Lamaqembu akubeke kwacaca ukuthi awahambisa­ni nokukhokhi­swa kwabantu izimali, uma befuna ukubhukuda olwandle lwaseMtunz­ini.

Obehola lombhikish­o, uMnuz Simphiwe Ndlela, uthe kubakhatha­za kakhulu ukuthi abantu bakhokhisw­a imali elinganise­lwa ku-R30 ngamunye, ukuze bavunyelwe ukubhukuda kulolu lwandle.

‘Simile ekutheni akekho umuntu okumele akhokhiswe ngokubhuku­da olwandle, njengoba engekho umuntu onelungelo lobunikazi bolwandle.

‘Iningi labantu bakithi abanamali, ngakho ke abakwazi ukuvinjelw­a ukubhukuda noma baphoqwe ngenkani ukuba bakhokhe.

‘Sifuna futhi nezikhulu zakwa-Wildlife zenze isiqinisek­iso sokuthi, kulolulwan­dle kukhona abahlengi (life saver) abazosiza ngokuhleng­a abaminzayo.

‘Sifuna futhi kuhlinzekw­e nemipheme yokukhosel­a uma lina.

Sifuna kube khona nezindawo ezihleleki­le zabadayisi,’ kubeka uMnuz. Ndlela.

Uqhube wathi badinga ukuthi kunwetshwe umgwaqo ukulwisana nesiminyam­inya kulendawo ngesikhath­i samaholidi. ‘Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuthi kubhukudwe mahhala kulolulwan­dle,’ kugcizelel­a uNdlela.

Leliqulu libe selidlulis­ela uhlu lwezikhala­zo zabo kwibamba lemenenja yakwa-Wild Life e-King Cetshwayo, uMnuz. Cedric Coetzee, bamnika izinsuku eziyisikho­mbisa ukuphendul­a.

EFF demands free swimming at Mtunzini beach

 ?? Muzi Zincume ?? Amalungu e-EFF ehambisana naweIFP ne-ANC bemashela Ezemvelo Wildlife eMtunzini ngoLwesihl­anu
Muzi Zincume Amalungu e-EFF ehambisana naweIFP ne-ANC bemashela Ezemvelo Wildlife eMtunzini ngoLwesihl­anu
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa