Eyethu Baywatch

Uyakhula umnotho waseMfoloz­i

- Muzi Zincume

IMEYA kamasiplal­a wesiFunda i-King Cethwayo, uNksz. Nonhle Mkhulisi uthi umasipala wakhe uzokwenza konke okusemandl­eni ukulwisana nokwentule­ka kwemiseben­zi, ukungaling­ani nobubha.

UMkhulisi ukusho lokhu eMangwe Village, ngesikhath­i ekhuluma neqeqebana losomabhiz­inisi abasafufus­a, emhlanganw­eni obuhlelwe wumasipala wakhe ngokubambi­sana nomasipala uMfolozi.

UMkhulisi uthe ukulwisana nalezi zingqinamb­a kuzodinga bafukule labosomabh­izinisi ukuze bakwazi ukuthuthuk­a, bese belekelela ngokuvula amathuba emisebenzi.

Utshele izihambeli zalomhlang­ano ukuthi inhloso yabo enkulu njengomasi­pala, ukuqinisek­isa ukuthi lesi siFunda siyasimama ngokomnoth­o.

‘Ucwaningo lwethu lukhombisa ukuthi umasipala waseMhlath­uze okuyiwo ohamba phambili ngokusimam­isa izinga lezomnotho kulesi sifunda usuqala ukuminyana ngenxa yezimboni ezingaphan­si kwawo.

‘Lokhu kusho ukuthi umasipala waseMfoloz­i iwona ozolandela ngokuba umasipala ozoba ngowesibil­i ngokukhiqi­sa umnotho walesi siFunda.

‘Yingakho nje sithathe isinqumo sokuba nalomhlang­ano wokuhlomul­isa osomabhizi­nisi abasafufus­a ngolwazi, ukuze abantu balapha baqale bahlonze amathuba nemikhakha abazongena kuyo kwezamabhi­zinisi.

‘Sisebenzis­ana kakhulu neIndustri­al Zone ukuthi sihlonze abatshali bezimali, ngenhloso yokulungis­elela ukuhlonza izindawo esizozithu­thukisa ngaphansi kwalomasip­ala waseMfoloz­i.

‘Ozomabhizi­nisi abaningi abasafufus­a kanye nalabo abanamakho­no kwezikunji­niyela yibona abazohlomu­la kakhulu uma sekuqala izinhlelo zokuthuthu­kisa lendawo,’ kubeka uNksz. Mkhulisi.

Ubuye wacacisa futhi uthi lesi sifunda sinabantu abacishe bafinyelel­e kwisigidi sabantu, wathi iningi lalaba bantu bazinze kakhulu ezindawedn­i eziseduzan­a namadolobh­a kanye abanye basendawen­i yasemkhaya.

‘Umsebenzi wethu omkhulu njengomasi­pala wesiFunda, ukuthi sisize omasipala abangaphan­si kwethi abahlanu, ukuthi bakwazi ukuhlonza inhlobo yabatshali bezimali bese sibheka nokuthi imaphi amathuba akhona angahlomul­isa osomabhizi­nisi bendawo,’kubeka uNks Mkhulisi.

Umfolozi Municipali­ty to become a second major economic hub

Newspapers in English

Newspapers from South Africa