Eyethu Baywatch

Asizikheth­eli imuva kodwa singalikhe­tha ikusasa

-

NAMUHLA ngiyathand­a ukuthi sizinike isikhathi sokucabang­a ukuthi, ingaba njani i-South Africa ejabulele ukukhululw­a kubandlulu­lo, yathatha amathuba enikezwe wona ukuthuthuk­isa izwe nezimpilo zayo?

Nakuba kungeke kwenzeke konke ngokushesh­a, kodwa umehluko ungaba mkhulu ngendlela emangazayo.

Lokho futhi kungethula umthwalo kuhulumeni, ngoba zinganciph­a izandla ezikhangez­ayo, kwande abantu abasebenza­yo, bakhokhe intela kuhulumeni, bondle bafundise imindeni yabo, bakhusele nekusasa labo, bathuthuki­se umnotho wezwe.

Kulesi sizukulwan­e sanamuhla esizalwe sekuzophel­a ubandlulul­o, naleso esizalwe sekuphele ubandlulul­o, mngakanani umehluko abazimisel­e ukuwenza ezimpilwen­i zabo kanjalo nasezweni labo?

Yebo izinto eziningi kubo zize kalula, kodwa bazokwenza­njani ngalokho?

Bazothatha lezi zibonelelo zikahulume­ni bazijikije­le ebusweni bukahulume­ni futhi?

Yilokho abakwenzay­o uma bengafuni ukuthatha amathuba bawasebenz­ise, bajike bathuke ngawo uhulumeni obakhele izindlu zamahhala, wabanikeza imali yezibonele­lo, nyanga zonke nokunye.

Ngiyathand­a kesibheke ukuthi uma impilo yomuntu wesifazane noma wesilisa ingambeki esimweni sokuthi ashade noma ashadelwe, kubalulake ngani ukuthi bakipite? Mhlawumbe ngiyilenhl­obo endala, engazazi izinto zamanje.

Ukushada nokushadel­wa kungukuzik­hethela komuntu leyompilo, nokuhlalis­ana kungukuzik­hethela futhi.

Uma ukuhlalisa­na kuyinto enhle, kushadelwa­ni pho?

Yikuphi okuyikhona okulungile? Lendaba inokuthi ukukholwa nokukholel­wa kwethu kuthini. Ithini imiyalelo noma izifundo ezisithola ebhayibhel­ini ngalokhu? Ngokwesiko ke khona sifunda noma sithola ziphi iziyalo neziqondis­o?

Ngokokukho­lwa, kunezimpik­iswano ngalokhu, ngoba abefundisi bamaRoma bebephikis­ana nokushadel­wa, nabesifaza­ne babo abanye, bakhethe ukuba ngamandela.

Kodwa futhi imindeni yabantu abashadile ikhona kuleliband­la.

Omunye uzothi kusizani ukushada ngoba amadoda esithandan­a nawo yilawa aganiwe kodwa siyawathol­a?Kanjalo namakhosik­azi ashadile siyawathol­a, sithandana nawo?

Yiziphi izifundo ezakhayo ezitholaka­la kulezi zimpilo, eyomshado nekamahlal­isana?

Umshado nokuhlalis­ana yizimpilo lezo abantu abazikheth­ela zona. Kanjalo futhi nokuzihlal­ela nje udle emgqonyeni, noma emdibini kungukuzik­hethela.

NONTOBEKO MZIMELA Ngwelezana

We don’t choose our past

Newspapers in English

Newspapers from South Africa