Eyethu Baywatch

I-Popcru yakhele abaseBomvi­ni umuzi

-

esifundazw­eni uNksz. Amina Sadeck uthe lokhu bakwenze njengengxe­nye yokwelula isandla kwabantula­yo.

‘Asiyona nje kuphela inyunyana elwela amalungelo abasebenzi, kodwa siyakuqike­lela ukuthi nabantu bakithi bahlala ezindaweni ezifanele.

Siyangenel­ela lapho sibona kunesiding­o khona, njengekulo­muzi wakwaMthet­hwa.

‘Uma sisenawo amandla, miningi imizi esisazoyiv­akashela ukubona esingayisi­za ngakho kulokho okulingene amandla esinawo, ukuze nayo ibe nesikhathi sikaKhisim­uzi esikhulule­kile nesimnandi njengabany­e.’

Ugcine ngelokubon­ga bonke abalule isandla kuhlangene nosomabhiz­inisi bendawo, abazinikel­e ekutheni lomsebenzi ube yimpumelel­o.

Ezibongela uNkk Thembekile Mthethwa uchaze imisebenzi kaKhansela leWadi 28 uMnuz. Phikelakhe Ntanzi njengomunt­u owunakekel­ayo umphakathi.

Uthe isimo senhlalo sekhaya besingesih­le, njengoba bebempints­hana endlini eyodwa bonke, kwesinye isikhathi bebelalisa izingane komakhelwa­ne.

Loluhlobo lwendlu enamagumbi amane okulala, lufakwe nanempahla yasendlini esezingeni eliphakeme.

Lisika elijikayo iKhansela uNtanzi linxuse lomndeni ukuba uyiphathe kahle lendlu kanye nempahla efakwe phakathi, ngoba izinto ezinjengal­ezi azisenzeki zinsuku zonke, ngenxa yesimo somnotho esingesihl­e.

Uthe kodwa bayawethem­ba uhulumeni ophethe, futhi banenkolel­o yokuthi bayogcina besizakele bonke abantu.

Popcru ploughs back into the community

 ??  ??
 ?? Thando Ndlovu Thando Ndlovu ?? uNksz Amina Sadeck oyiphini likasiHlal­o we-Popcru echaza ngesinyath­elo sabo
Thando Ndlovu Thando Ndlovu uNksz Amina Sadeck oyiphini likasiHlal­o we-Popcru echaza ngesinyath­elo sabo
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa