I-NRB idlulele phambili kwi-Nedbank Cup
NAPHEZU komdlalo obungemuhle kangako we-Richards Bay FC, nokho leliqembu likwazile ukudlulela phambili esigabeni samaqembu angu-16 asesele kwindebe ye-Nedbank Cup.
Lokhu kwenzeke emdlalweni obungeSabatha eMhlathuze Stadium, ngesikhathi i-NRB iguqisa iRoyal Eagles ngo-1-0.
Umphumela walomdlalo ucaciswe esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe, ngemuva kokuba lamaqembu ebambane ngeqanda ngapha nangapha esikhathini semizuzu engu-90.
Imizuzu engu-90, akukhona nje ukuthi ayibanga namagoli, kodwa ibiduma, umdlalo walamaqembu ubungahlangene, ebedlala ibhola eliyinhlakanhlaka nje.
Womabili lamaqembu ehlulekile ukuvalela amagoli, njengoba amabhola abewakhahlela awakwazanga ukuphazamisa onozinti, amanye ebephuma eceleni kwamapali. Lokhu kwenze kwaqala ukubonakala ukukhathala kubadlali abaningi.
Kodwa ke izinguquko ezikhaliphile ezenziwe ngumqeqeshi we-NRB, uBrandon Truter, zenze leliqembu laqala ukwenyusa amasokisi, ladlala ibhola elihlangene.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokungena komgadli osenesipiliyoni uThabiso Nkoana, ofike waqinisa amafolosi aleliqembu.
Bakhande amathuba amaningi okushaya igoli, ikakhulukazi bekubhoke uMpho Erasmus, odedele imbumbulu yeshodi, eshaye epalini yabuyela ensimini, unozinti we-Eagles u-Patrick Nyame esengasekho emapalini. UNkoana no-Muishond baphazamisene emizamweni yabo yokuvalela igoli ebelilula, kodwa nalokho akuphazamisanga lutho, ngoba, emva kwalowomzuzu nje kuqhamuke uSiyanda Ngubo, wajika abadlali basemuva, wase ezama ukulivalela phakathi, engakalithinti uNyame. Bashayisane ngamakhanda, kodwa ibhola laginqikela kuNgubo ovele walivalela enethini, waphenduka iqhawe leqembu lasekhaya.
Isiwombe sesibili sesikhathi esengeziwe besishubile, amaqembu womabili ehlaselana, nokwenze unozinti we-NRB uXolani Ngcobo enze adume ngazo, ukuvimba ngisho impukane, engafuni lutho olusondela emapalini akhe. Yize likwazile ukudlulela phambili emzuliswaneni we-Last 16, kodwa leliqembu alidlalanga ibhola elugculisayo, nelaziwa ngalo.