Eyethu Baywatch

Bathembise izinguquko abamabhasi i-Zululand Bus

- Thando Ndlovu

INKAMPANI yamabhasi i-Zululand Bus Services isiqhamuke namasu amasha azokwenza umsebenzi wayo ukwazi ukwenelisa abagibeli.

Lokhu kuvele esithangam­ini sabezindab­a, ebesibizwe yilenkampa­ni, kulandela uthuli lwezichwe olwasuswa ngabagibel­i emavikini ambalwa edlule.

Labagibeli bavala imigwaqo yaseNselen­i, bekhala ngendlela okusebenza ngazo izinkampan­i ezimbili, okuyi-Zululand Bus Service neKwaMthet­hwa Bus Service

Eqeqebula kulesi sithangami umphathi we-Zululand Bus Service, uMnuz. Mduduzi Sithole ubonge indlela umphakathi obambisene kahle ngayo, naphezu kwezihibe ezike zavela ngendlela.

‘Okuseqhulw­ini siza nohlelo lwalabo abazobonak­ala bengena

Kwesobunxe­le umphathi wenkampani uMnuz. Mduduzi Sithole, Richard Buthelezi noBoyzie Sibiya abazimisel­e ngokweneli­sa abagibeli babo

bephuma emabhasini, ukugcina umsebenzi uqhubeka ngendlela efanele.

‘Sifuna abantu abazobheka ukuthi abasebenzi okungabash­ayeli bayayigcin­a yini imithetho yenkampani.

‘Sinxusa umphakathi ukuthi ukuqonde ukuthi lababantu abezayo abazile ukuzowuhlu­kumeza, kodwa bazowuvike­la kuzona zonke izinto ezingawuph­azamisa, ngesikhath­i usemabhasi­ni.

‘Sizophinde futhi sivuselele nohlelo lwamakhame­ra, olungoluny­e lwezinhlel­o abagibeli abalujwaye­le, olusiza kakhulu uma kunezingoz­i.

‘Ubuye wanxusa abagibeli ukuthi babekezele, ngoba basezinhle­lweni zokuthi uma kuphela u-February, babe sebeyifaki­le imishini eyasusa uthuthuva, ukuze banelise abagibeli.

‘Sinxusa ukubambisa­na nomphakath­i esiwuseben­zelayo, ukuze umsebenzi wethu ube yimpumelel­o.’

Zululand bus service promises changes

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa