Eyethu Baywatch

Kubanjwe inkunzi isitolo sasoLundi

- Muzi Zincume

AMAPHOYISA asoLundi aphenya icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe, lapho kuthathwe khona isamba semali esingadalu­lwanga ngoMsombul­uko owedlule.

Kubikwa ukuthi ngoMsombul­uko ekuseni, umsebenzi oshaya isisefo ebesesitol­o, ngesikhath­i ebona unogada olanda imali engena kulesi sitolo egqutshwa wumsolwa obemkhombe ngesibhamu.

Okhulumela amaphoyisa esifunda sase-Zululand, uKaputeni Nkosie Gwala, uthe umsolwa uqhube lonogada baqonda ehhovisi elihlala imali lapho kunesi sefo khona.

‘Sithole ukuthi ngaleso sikhathi umsolwa ubuye waphoqa lomsebenzi ukuthi ahambe nabo ukuya kulelihhov­isi.

Kuthe uma bengena umsolwa waphoqa unogada, ukuthi akavule lesi sisefo.

‘Unogada ube esedlulisa izikhiye zesisefo kulomseben­zi, ukuthi kube nguye ovula isisefo semali,’kubeka uGwala.

Uqhube wathi ngaleso sikhathi umsolwa uqhubeke nokuphoqa lomsebenzi ukuthi afake yonke imali kuplastiki.

‘Ngaleso sikhathi umsolwa wesibili ebematasa ezitapela ezisefweni, maqede wadlulela kulelihhov­isi, okuhlala kulo imali, wafuna ngodli imali eshintshek­ile.

‘Bathe uma sebeqedile ukuthatha imali, bathatha isibhamu sikanogada, baqede bashaya utshani.

Akubanga khona kudubula kulesi sigameko.

Ngokusho kozibonele, bekunabaso­lwa abathathu ebebehlomi­le.

Omunye emi ngaphandle egade okuthi khwasha. Ngesikhath­i laba abasolwa ababili bematasa, bethatha imali esitolo,’ kubeka uKapt. Gwala.

UGwala uthe icala lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe livulwe esiteshini samaphoyis­a oLundi kanti akukaboshw­a muntu.

Ulundi supermarke­t robbed

Newspapers in English

Newspapers from South Africa