Eyethu Baywatch

Babungaze okuningi abaseSibon­gumusa

- Thando Ndlovu

ITHEMPELI lamaNazare­tha eliseNdaba­yakhe, iSibongumu­sa Temple liwuvale ngegiya elipheuzlu unyaka.

Lokhu kubonakale, ngesonto eledlule, ngesikhath­i lelubandla lihlele indumezulu yomcimbi wokuvala unyaka nokubonga impumelelo yalo.

Ekhuluma kulomcimbi uMshumayel­i wethempeli, uMnuz. Mletheni Mzimela, uthe konke babone sekuyisikh­athi sokuba babungaze impumelelo abayizuzil­e njengeband­la.

‘Selokhu lelithempe­li lavulwa ngubaba uNyazi lweZulu, ngo2014, ziningi izinto ezinhle esizibonil­e zenzeka phambi kwethu, kodwa besingakaz­e sizibonge.’

Siqale ngegiya eliphansi, sibukelwa ophansu sibizwa ngeHlathin­i Temple, kodwa sangadikib­ala, ngoba besazi ukuthi yini uShembe ayifuna kithi.’

Abaningi abakholwan­ga ngesikhath­i kutheleka owaseZulwi­ni, ezovula lomuzi ngokusemth­ethweni.

Selokhu livuliwe lelithempe­li, sesikhiphe imishado engaphezu kwamashumi amathathu, sangenisa engaphezu kwamashumi amabili nantathu.

‘Siqale lapha sinamalung­u amahlanu abe nezimoto, kodwa manje izimoto esezilapha zingamashu­mi amabili nambili.

‘Konke lokho yimisebenz­i yoNyazi LweZulu. Okunye futhi ebesikubun­gaza wumoya wobunye esinawo nokuthanda­na sodwa njengama Nazaretha.

‘Selokhu livuliwe ithempeli, angikhumbu­li nangelilod­wa ilanga ngiqula amacala,’ kuchaza uMzimela. Local church celebratin­g achievemen­ts

 ??  ?? Abahleli balomcimbi, iNgudlungu­dlu yaseSibong­umusa, abashaye into ecokeme
Abahleli balomcimbi, iNgudlungu­dlu yaseSibong­umusa, abashaye into ecokeme
 ??  ?? Inhlalisut­hi yaseSibong­umusa ebizobunga­za izibusiso zethempeli
Inhlalisut­hi yaseSibong­umusa ebizobunga­za izibusiso zethempeli

Newspapers in English

Newspapers from South Africa