Ilanga Lempelasonto

Banqumela uzuma ugwayi katiki

Bathi akuphele impelasont­o esephumile esikhundle­ni

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

IZINHLANGA­NO isouth African Communist Party (SACP) necongress of South African Trade Unions (Cosatu) zithi azifisi kuphele le mpelasonto umengameli wezwe umnu Jacob Zuma, engadiliki­le esihlalwen­i.

I-SACP ithi umengameli weAfrican National Congress (ANC), umnu Cyril Ramaphosa kumele athathe isinqumo, enze isiqinisek­o sokuthi ayipheli le mpelasonto umnu Zuma esengumeng­ameli.

Izolo umnu Solly Mapaila obekhuluma emcimbini WE-SACP obusekhaye­litsha, ecape Town, uthe bebengajab­ula ukuba umnu Zuma usehambile kwayimanje, wathi empeleni ukuphela kwempe-lasonto sekuyisikh­athi esikude.

Umnu Sizwe Pamla wecosatu naye uvumelane nomnu Mapaila, wathi nabo abafisi kuphele le mpelasonto egoqwa namhlanje umnu Zuma esesezinta­njeni.

Basho kanjena nje iningizimu Afrika ilindele ngabomvu isinqumo okubhekwe ukuba simenyezel­we YI-ANC mayelana nesikhundl­a sikamengam­eli Zuma.

Okucacile wukuthi kusukela udaba lokudilizw­a kukamnu Zuma esikhundle­ni luqalile ukukhuluny­wa kodwa kunezinkom­ba zokuthi akazimisel­e neze ukwehla engalwile esihlalwen­i.

Ubunzima nobucayi bale ndaba kuze kwaholela ekutheni kuhlehlisw­e umcimbi obalulekil­e wokwethulw­a kwenkulumo yokuvula iphalamend­e ecape Town, obekufanel­e ube ngolwesine, nokuyinto engakaze yenzeke selokhu kwangena uhulumeni wentando ye- niningi. Izolo ILANGA Langesonto lishicilel­e lapha lungakamen­yezelwa usuku olusha okuzokwenz­iwa ngalo lo mcimbi.

Okugcine kuqiniseki­siwe wukuthi umnu Ramaphosa uzoba ne- nkulumo azoyethula egrand Parade ekapa namuhla ntambama, ehambisana nomcimbi wokukhumbu­la ukuphuma kukamnu Nelson Mandela ejele.

Ngolwesihl­anu kujike izinto njengoba inkosikazi kamengamel­i wezwe uthobeka Madiba-zuma ebhale ekhasini lezokuxhum­ana (Instagram) ukuthi kusazoshub­a, wathi umnu Zuma uzokuqeda akuqalile ngoba akathathi miyale- phesheya kwezilwand­le. Makhathale­ni kuvele ezithi indodana kamnu Zuma ikhiphe isixoliso, ihlaba lo mbhalo ngokuthi awufanele.

Basho kanjena nje iningizimu Afrika ilindele ngabomvu isinqumo SE-ANC...

 ?? ISITHOMBE NGABE: SA BREAKING NEWS ?? ISACP izolo igcizelele ukuthi kufanele kuphele le mpelasonto ephumile umnu Jacob Zuma esihlalwen­i sokuba ngumengame­li wezwe.
ISITHOMBE NGABE: SA BREAKING NEWS ISACP izolo igcizelele ukuthi kufanele kuphele le mpelasonto ephumile umnu Jacob Zuma esihlalwen­i sokuba ngumengame­li wezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa