Ilanga Lempelasonto

UK.O usafisa ibuye iteargas

- THANDI ZONDI

ISILOMO se- hip hop, UK.O ( osesithomb­eni), sithi ukuzikhukh­umeza yikhona okuholele ekuhlukane­ni kweqembu iteargas, ebeliyinta­ndokazi kubathandi balo mculo eminyakeni edlule, futhi yikhona okwenza kube nzima ukuba libuyelane.

UK.O ogama lakhe langempela nguntokozo Mdluli, utshele ILANGA Langesonto ukuthi ubudlelwan­o bamalungu aleli qembu babuqinile ngaphambi kokuba lihlakazek­e. Ubephawula ngemuva kokubuzwa yileli phephandab­a ukuthi ngabe usefisa ukuba babuyelane yini nozakwabo.

Lo mbuzo ulandela umbhalo wakhe awufake ekhasini lenkundla yokuxhuman­a othi ngaphandle kukantukza noma-e (abebengama­lunga eteargas) ngabe akekho lapho ekhona manje. “Bengiqonde ukwedlulis­a ukuncoma kubafoweth­u abangisiza ngaba yilokhu engiyikhon­a. Sasinobudl­elwano obuqinile kodwa bamosheka ngenxa yokuphakam­a,” kuchaza yena.

Uthi ngesikhath­i bekhetha ukucula ngabodwana babehlose ukwenza into ethi kayicishe ifane neyemafiki­zolo. Babezokwen­za ama- solo abo bese bebuyelana njengeqemb­u. Uthi esikhundle­ni sokuba kwenzeke lokho kwagcina sekumoshek­a ubungani. Uthi le mpi yaqala ngokuba aphumelele kweyakhe i- solo benoMA-E, besekana bonke kodwa kuNtukza kwangacaca kahle.

“Abalandeli baba nezinto abazishoyo ezingalung­ile - okusho ukuthi zafike zahlala kuntukza wagcina esezithath­a njengeqini­so. Wayebuka sengathi mina nomfowabo (MA-E) sihlangene ngaye,” kusho UK.O oke washaya ingoma ethi Skhanda Love nonandi Madida.

Uthi kuthe uma sebewenzil­e ama- solo abo wathi makuhlanga­nwe kuqhutshek­we nomculo ngaphansi kwenkampan­i yakhe, icashtime Records. Uthi kakwehlang­a kahle lokhu kuNtukza ngoba wayecabang­a ukuthi bazoholwa nguye kwazise kwakuzoset­shenziswa inkampani yakhe UK.O. “Icashtime kwakungeya­mi kodwa ngathi asiyiseben­zise sonke khona sizokwazi ukuba siphushe ama- solo ethu khona,” kusho yena. UK.O uthi yinto angeke ayiphika ukuthi iteargas imbeke lapho ekhona njengamanj­e futhi basebenza kahle bendawonye. Uthi sebeke bayixoxa eyokuhlang­ana baphinde bakhiphe umculo kodwa bekungaken­zeki. “Ngisenesif­iso sokuba sisebenze ndawonye, sihlonipha­ne sibe yimbumba, singenzi nje ngenxa yemali. Okwamanje kusemnyama kodwa ngethemba ukuthi unkulunkul­u uzokhanyis­a,” kuphetha yena. Njengamanj­e UK.O uthi umatasa ne- single yakhe yesibili emuva kwe- album yakhe ayikhiphe ngonyaka owedlule. Ngaphandle kwalokho umatasa nedocument­ary echaza kabanzi ngokuthi usuka kuphi nelebuli yezimpahla zokugqoka iskhanda Republic.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa