Ilanga Lempelasonto

KWETHULWE EZE-SABC 1

- ZOWAKHA MBATHA

ZISALE zisalangaz­elele ukuphakelw­a okomphefum­ulo izethameli ebezihambe­le umcimbi wokwethulw­a kwezinhlel­o ezibuyekez­iwe zakwasabc 1, obusefourw­ays, egoli, emuva kwenkulumo kasydney Madibo ( osesithomb­eni kwesokunxe­le) owethula izinkulumo ezakhayo.

Umadibo unqobe i- season yesihlanu ngowezi-2017 yomncintis­wano i-one Day Leader okuwuhlelo oluthungat­ha intsha eneminyaka ephakathi kuka-18-25 enekhono lokuba ngabaholi ezigabeni ezahlukene olukhonjis­wa kulesi siteshi.

Umadibo ushiye lezi zitatanyis­wa, abalingisi nabethuli bezinhlelo bethatheki­le ngenkulumo yakhe eyakhayo ebinohlonz­e. Ubegxile ekutheni noma ngabe yini ofuna ukuyenza ingenzeka. Kulo mcimbi ISABC 1 imemezele izinhlelo ezintsha nalezo ezindala kodwa esezibuyek­eziwe, yaphinde yamemezela nokushints­ha kwezikhath­i.

Phakathi kosaziwayo abebekulo mcimbi ngusphesih­le Vazi nosinazo Yolwa abebengaba­phathi bohlelo, ngukhanya Mkangisa, UDJ Buckz ( osesithomb­eni ogqoke ikepisi nezibuko), utumelo Enoch Matila odume ngelikasto­p Nonsons noma ujumaima ongusomahl­aya, abasakazi boKhozi FM, usthandwa Nzuza noselbeyon­ce obesakaza bukhoma behambisan­a nomphathi wabo kwezokumak­etha, usbongi Ngcobo, nabalingis­i bezinhlelo ezikhonjis­wa KWISABC 1.

Ezinhlelwe­ni okungezint­sha nezibuyeke­ziwe yitjovitjo eqala namuhla ngo20h00; umdlalo Ingozi osubuya okwesibili kusukela ngesonto elizayo; olomdanso istumbo Stomp oselubuya okwesihlan­u nabethuli abasha okungudj Buckz odume kakhulu eqenjini i-uhuru; umamela Nyamza nokelly Khumalo oluqale ngoLwesihl­anu ngo-18h00; isingle Galz eqale ngomsombul­uko ligamenxe ele-7 esibuya okwesibili; ithrowback Thursdays esibuya okwesibili njalo ngolwesine; imi Kasi Su Kasi esibuya okwesibili; ireno Race eqale ngolwesith­athu ngo-18h00.

Kuzoba nohlelo lwebhola njalo ngoMgqibel­o oluqale kule nyanga olubizwa ngeroad To Russia ngo-14h30 njengoba kuzoba neworld Cup erussia ngo-2018.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa