Ilanga Lempelasonto

Kuthinteka nosimphiwe Shembe emcimbini obangwayo

- ZOWAKHA MBATHA

UYIHLEKA usulu eyokuvela kwegama likasimphi­we Shembe okuthiwa nguyena umsunguli wamahlaya odumo i-99% Zulu Comedy osebenze ukuwafukul­a, umnu Monwabisi Grootboom.

Lezi zinkulumo zilandela umbango nokudideka elibike ngakho leli phephandab­a emasontwen­i amabili edlule phakathi kukagrootb­oom nomasipala weTheku. Itheku lithe ngawalo la mahlaya ngoba ugrootboom ubewaxhasa esasebenze­la umnyango walo. Ngakolunye uhlangothi ugrootboom ubethi yingane yakhe lena.

Igama likashembe ongusomahl­aya nomhleli wemicimbi yawo amahlaya, livumbuke kamuva. Umthombo osebenza ngawo amahlaya uthi ngushembe oqale ukuhlela amahlaya esizulu besafunda edurban University of Technology ngowezi-2005/2006.

Uthi ugrootboom ungene ngenxeba lemali njengoba ebenenkamp­ani ehlela imicimbi, iwow Entertainm­ent kanti kumasipala ubephethe umnyango osebenza ngazo ezobuciko wagcina ephenduka umagaya azidlele.

Uthi okushaye ushembe wukungazi ngemicikil­isho yokubhalis­wa kwamalunge­lo ngezinto ezinjena nakuba owakhe ubuvele ungabizwa nge-99% kodwa kungamahla­ya nje esizulu. Umthombo uthi into engabangwa wumasipala nogrootboo­m yigama nje hhayi umqondo wokuwasung­ula.

“Umonwabisi uze wamenywa ngoba kuthiwa angasiza ngoxhaso nokuyilaph­o ethuthuke khona-ke kwaze kwazaleka i-100% Zulu Comedy egcine ishintshwa iba yi-99% ngoba sekumenywa nabangakhu­lumi isizulu,” kusho umthombo.

Umonwabisi uthi wudaba olufile nje lolu olulokhu lulandelwa. “Uyazi ngiphume emhlanganw­eni ngoba ngifuna ukukuphend­ula kodwa ngiyadumal­a ngale nto ongibuza yona ngoba ungimoshel­a isikhathi. Ngiyazi ufuna ukuzisekel­a ushembe usebenzisa igama lami. Wayengekho ngisaqala ukwenza amahlaya, kwakunosth­e Khumalo, uflai nezinye izintwana zaseclermo­nt. Sase sisebenzis­ana nanokhozi FM ngaleso sikhathi.

"Ushembe ngimaze ngoba ethulwe ngumadloko­vu (Lindelani Ngema wokhozi FM). Baningi abanye abalandeli­le emva kwakhe ngibenzisa ama- audition adlule kuwona kwayena. Injalo nje indaba. Engathi mabakuhlel­e ngamaaudit­ion hhayi i- show. Ushembe akanalutho angumnikaz­i wakho la kodwa konke kuzovela kwi- documentar­y engihlela ukuyiqopha ngemvelaph­i yawo,” kuchaza ugrootboom egcizelela ukuthi yimbudane le.

Ushembe esethintwa uthe akathandi ukukhuluma kakhulu ngale ndaba. “Mina ngaya kumonwabis­i ngemuva kokwelulek­wa ngubaba ulindelani Ngema emuva kokumxoxel­a ngengikwen­za esikoleni ngoba besazana. Ngafika ngamkhombi­sa i- video (Monwabisi) engangiyiq­ophile wase ecela ukuba simumeme ngokuzayo.

"Ngibona ukuthi wawuthanda lo mqondo nokwasisiz­a ngoba engabe kasikho la sikhona ukuba akalekelel­anga," kusho ushembe omatasa nokuhlela umcimbi waminyaka yonke isimphiwe Shembe Comedy Picnic mhla ka-25 kwephezulu ebotanical Gardens.

Ujustice Kubheka ebelilokhu livela njalo igama lakhe, uthe ngusimphiw­e umnikazi wendaba nongayicha­za kahle ngoba nguye obexhumana ngqo nomonwabis­i kusukela ekuqaleni. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUTHIWA ngusimphiw­e Shembe umnikazi womcimbi obangwayo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUTHIWA ngusimphiw­e Shembe umnikazi womcimbi obangwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa