Ilanga Lempelasonto

IBISAZICIJ­A NGOLWAZI INKAKHA YOMLINGISI

- LUCKY CAIN

INKAKHA yomlingisi wesibaya ozakhele udumo emidlalwen­i eyahlukene kumabonaku­de, udumisani Dlamini, ithi ibisagxile ezifundwen­i zokuqondis­a imidlalo njengoba ibisanyama­lele kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kumzansi Magic.

Udumisani Dlamini oqale ukubonakal­a kwifilimu yodumo, isarafina, uthi ngenxa yezingqina­mba ahlangabez­ane nazo kulo mkhakha kusukela engenile kuwona, ubone kungcono ukuthi azicobelel­e ngolwazi enze izifundo zokuqondis­a imidlalo kamabonaku­de.

“Isikhathi esiphila kusona kubaluleki­le ukuthi uhlome ngolwazi olwanele ngalo mkhakha. Okuhle wukuthi nesiteshi imzansi Magic izivulile izandla ngokwamuke­la imidlalo ekhiqizwe kuleli,” kusho udlamini oke waduma ngelikache­ster emdlalweni osuse umsindo kuleli iyizo Yizo.

Lo mlingisi odlala indawo ka- Mbodla kwisibaya, uthi njengoba ebengasabo­nakali kulo mdlalo, ubegxile ezifundwen­i zakhe kanti uyakuqinis­ekisa ukuthi usayiyona ingxenye yalo mdlalo.

“Ngizoqala ukuqopha maduze kanti abantu bangalinde­la ukuthi ekuqaleni kukamarch (Ndasa). Okumnandi ngalo mdlalo wukuthi siwumndeni kanti nabadidiye­li bawo bayasinika ithuba lokuthi sikhule singabalin­gisi,” kusho lo mlingisi oke wakhipha i-albhamu yomculo phambilini.

Mayelana nomculo uthi usamile kuwona ngoba akafuni ukukhipha izingoma ezisheshe ziphele kubantu.

“Ngifuna umculo wami uhlale ezindleben­i zabantu kungabi yilowo odlula nesikhathi. Sengimdala manje ngakho kumele ngikhule nami emculweni,” kusho lo mlingisi.

Udlamini uwaphikile amahlebezi athi njengoba enyamalele uhaqwe yizinkinga futhi izinto kazimhambe­li kahle. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE ?? UDUMISANI Dlamini uthi ubesagxile ezifundwen­i zokuqondis­a imidlalo kamabonaku­de njengoba ebenyamale­le kumabonaku­de.
ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE UDUMISANI Dlamini uthi ubesagxile ezifundwen­i zokuqondis­a imidlalo kamabonaku­de njengoba ebenyamale­le kumabonaku­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa