IBISAZICIJA NGOLWAZI INKAKHA YOMLINGISI
INKAKHA yomlingisi wesibaya ozakhele udumo emidlalweni eyahlukene kumabonakude, udumisani Dlamini, ithi ibisagxile ezifundweni zokuqondisa imidlalo njengoba ibisanyamalele kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kumzansi Magic.
Udumisani Dlamini oqale ukubonakala kwifilimu yodumo, isarafina, uthi ngenxa yezingqinamba ahlangabezane nazo kulo mkhakha kusukela engenile kuwona, ubone kungcono ukuthi azicobelele ngolwazi enze izifundo zokuqondisa imidlalo kamabonakude.
“Isikhathi esiphila kusona kubalulekile ukuthi uhlome ngolwazi olwanele ngalo mkhakha. Okuhle wukuthi nesiteshi imzansi Magic izivulile izandla ngokwamukela imidlalo ekhiqizwe kuleli,” kusho udlamini oke waduma ngelikachester emdlalweni osuse umsindo kuleli iyizo Yizo.
Lo mlingisi odlala indawo ka- Mbodla kwisibaya, uthi njengoba ebengasabonakali kulo mdlalo, ubegxile ezifundweni zakhe kanti uyakuqinisekisa ukuthi usayiyona ingxenye yalo mdlalo.
“Ngizoqala ukuqopha maduze kanti abantu bangalindela ukuthi ekuqaleni kukamarch (Ndasa). Okumnandi ngalo mdlalo wukuthi siwumndeni kanti nabadidiyeli bawo bayasinika ithuba lokuthi sikhule singabalingisi,” kusho lo mlingisi oke wakhipha i-albhamu yomculo phambilini.
Mayelana nomculo uthi usamile kuwona ngoba akafuni ukukhipha izingoma ezisheshe ziphele kubantu.
“Ngifuna umculo wami uhlale ezindlebeni zabantu kungabi yilowo odlula nesikhathi. Sengimdala manje ngakho kumele ngikhule nami emculweni,” kusho lo mlingisi.
Udlamini uwaphikile amahlebezi athi njengoba enyamalele uhaqwe yizinkinga futhi izinto kazimhambeli kahle. lucky.cain@ilanganews.co.za