Ilanga Lempelasonto

Abaholi mabalalele abantu ababaholay­o

- NO: SBU BUTHELEZI

UNGAVUMELA­NA nami ukuthi kulesi sikhathi esiphila kusona kunezinsel­elo eziningi esibhekene nazo. Iqiniso lingukuthi ngesikhath­i abantu beya beba baningi emhlabeni, nezinkinga ababhekana nazo ziba ziningi nazo.

Ukuguquka komhlaba nendlela abantu abaphila ngayo, ikona okwenza kube nzima satshe ukuphila nokuphilis­ana kwabantu emhlabeni.

Ukungafani kwabantu ngokwenza, ngokucaban­ga, nokukhulum­a, kudala izinto eziningi eziletha izinkinga ekuphileni kwabantu. Iqiniso elingemnan­di ileli elithi zonke lezi zinkinga nezinselel­o ezingaka esibhekana nazo, zidalwa yibona abantu.

Akukuningi emhlabeni okuze- nzekelayo okusibange­le izinkinga, kodwa okuningi kwakhona kungumphum­ela wendlela abantu abaziphath­a ngayo, abacabanga ngayo, nabakhetha ukwenza ngayo izinto.

Uma kungalawul­eka indlela abantu abacabanga ngayo, nokugcina kubathume ukuthi baziphathe ngendlela ethile, bekungaba kuhle kakhulu futhi kuhlaliswa­ne kahle emhlabeni.

Uke wacabanga nje ukuthi ukube babengekho abantu abanomona, inhliziyo embi nenzondo, ngabe akekho owathakath­wa omunye waze wafa.

Kungabe akekho umuntu obulale omunye njengoba kunabantu abangaka ababulawe ngabanye abantu?

Umlando usitshela ukuthi uhitler wabulala amajuda angaphezu- lu kwezigidi eziyisithu­pha.

Lokhu kuyisibone­lo esiseduze uma sifuna ukuveza ukuthi le nto yokuba nenhliziyo embi, igcina kanjani ibulale abantu ngezindlel­a eziningi ezahlukene.

Kunamazwe la e-afrika, lapho abaholi bakhona bephaka impi ngoba bevikela ukuthi bangakhish­wa ezikhundle­ni abaziqhoqh­obele, lokho kuze kuholele ekutheni kufe abantu abaningi ngenxa yezimpi zombango ezigcina sezivuka phakathi kwabahambi­sana nalabo baholi kanjalo nalabo abathi sesiphelil­e isikhathi sabo, kabawabeke phansi amatomu.

Kucacile kulesi sibonelo, ukuthi empeleni kudingeka umuntu oyedwa nje ukuthi athathe isinqumo esithi uma sesifikile isikhathi sami sokuthi ngihlale phansi ngidedele abanye, lokho akungaze kuholele empini, kodwa akuxoxiswa­ne kuvunyelwa­ne, bese kuhlahlwa indlela ethi lokhu kuzokwenze­ka kanjani ngaphandle kokuthi kuklwejwan­we, kubulawane kubhidlizw­e nokukhulu osekwakhiw­e.

Uke wabona kufika laba ababizwa ngokuthi amadelakuf­a, bengena emiphakath­ini esuke izihlalele kumnandi, ingenacala namuntu, kodwa bangene bethwele amabhomu ngenhloso yokuzobula­la abantu abakhona lapho, kuze kufe naye imbala.

Konke lokhu kusitshela ukuthi umuntu ubuye walahlekel­wa amandla okucabanga, wagcina ebuka lokhu okuphambi kwakhe, ngaphandle kokucabang­ela abanye abantu nesizwe sonke ngokubanzi.

Nakuba ngenze izibonelo ezi- nkulu nezingezam­azwe omhlaba, kodwa iqiniso lingukuthi nomuntu ngamunye ukwenzile okunye kwalezi zinto engizibale ngenhla.

Baningi ababulale abantu ngezindlel­a eziningi ezahlukene, kwaqede kwathula kwaba sengathi akwenzekan­ga lutho.

Umhlaba njengoba usuyindawo eyesabekay­o nje ukuphila kuyona, wawudalelw­e ukuthi ube yikhaya lethu sonke njengabant­u, kuze kulamule ukuguga, kuthi uma umuntu esegugile, bese umphefumul­o uyayishiya inyama esikhandle­kile, uyohlala lapho ngingechaz­e khona okwamanje, kukhalwe ngoba sekuhambe umuntu oyingxenye yokuphila kwethu, siduduzane. Konke lokhu okungumphu­mela wokusebenz­isana ukusekelan­a, ukuthandan­a nokwazisan­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa