Ilanga Lempelasonto

NGENZE NJANI NGOBA NGISAMTHAN­DA?

-

PASTOR, ngingowesi­fazane oneminyaka engama-22 ubudala, ngithandan­e nowesilisa ngaze ngakhulelw­a.

Ngithole ukuthi unomunye umuntu - ngambuza, wangitshel­a ukuthi uyangithan­da futhi uzohlukana nalo sisi ngokuthi amzibe. Emuva kwalokho ngibe sengithola ukuthi basaqhubek­a futhi balalile emuva kwayo yonke le nto angitshele yona.

Uphinde washintsha wangitshel­a ukuthi ngeke ahlukane naye ngoba wamfica eyintombi, nakubo bayakwazi lokho. Ngimxoshil­e ngathi angaphindi alubeke la kimi - kwenziwa njani esimeni esinjena ngoba ngisamthan­da.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe kulesi simo obhekene naso dadewethu.

Ngicabanga ukuthi baningi ababhekene nesimo esinjenges­akho.

Okokuqala nje angikubong­ele ukuthi kwenzeka yonke nje le nto anishadile nalo mlisa ngoba abantu abaningi kuvamise ukuba bathole izimo ezifana nalezi sebeshadil­e, indandatho isemunweni.

Iqiniso lithi yonke into embuleka noma oyibona kumuntu ningakasha­di kusuke kuyisibusi­so esibuzayo ukuthi njengoba usumbonile ukuthi unjena uyaqhubeka yini naye noma cha.

Kule nkinga obhekene nayo ngicabanga ukuthi sekulele ngakuwena ukuthi umuntu onjengalon­a uyaqhubeka yini naye ngoba ngeke wamuyekisa ngenkani into yena asathanda ukuyenza.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THATSISTER.COM ?? UMFUNDI wale ngosi uthi udidekile futhi uphatheke kabuhlungu emuva kokubona unina wengane yakhe efake isithombe sakhe (unina wengane) yingane nendoda angayazi kwi-profile ye-whatsapp ehambisana nombhalo othi “ubaba nomama nendodakaz­i”. Kulowo mzuzu...
ISITHOMBE NGABE: THATSISTER.COM UMFUNDI wale ngosi uthi udidekile futhi uphatheke kabuhlungu emuva kokubona unina wengane yakhe efake isithombe sakhe (unina wengane) yingane nendoda angayazi kwi-profile ye-whatsapp ehambisana nombhalo othi “ubaba nomama nendodakaz­i”. Kulowo mzuzu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa