NGENZE NJANI NGOBA NGISAMTHANDA?
PASTOR, ngingowesifazane oneminyaka engama-22 ubudala, ngithandane nowesilisa ngaze ngakhulelwa.
Ngithole ukuthi unomunye umuntu - ngambuza, wangitshela ukuthi uyangithanda futhi uzohlukana nalo sisi ngokuthi amzibe. Emuva kwalokho ngibe sengithola ukuthi basaqhubeka futhi balalile emuva kwayo yonke le nto angitshele yona.
Uphinde washintsha wangitshela ukuthi ngeke ahlukane naye ngoba wamfica eyintombi, nakubo bayakwazi lokho. Ngimxoshile ngathi angaphindi alubeke la kimi - kwenziwa njani esimeni esinjena ngoba ngisamthanda.
IMPENDULO: Ngiyazwelana nawe kulesi simo obhekene naso dadewethu.
Ngicabanga ukuthi baningi ababhekene nesimo esinjengesakho.
Okokuqala nje angikubongele ukuthi kwenzeka yonke nje le nto anishadile nalo mlisa ngoba abantu abaningi kuvamise ukuba bathole izimo ezifana nalezi sebeshadile, indandatho isemunweni.
Iqiniso lithi yonke into embuleka noma oyibona kumuntu ningakashadi kusuke kuyisibusiso esibuzayo ukuthi njengoba usumbonile ukuthi unjena uyaqhubeka yini naye noma cha.
Kule nkinga obhekene nayo ngicabanga ukuthi sekulele ngakuwena ukuthi umuntu onjengalona uyaqhubeka yini naye ngoba ngeke wamuyekisa ngenkani into yena asathanda ukuyenza.