Ilanga Lempelasonto

AKAYIPHATH­I EYOKUYOVEL­A EKHAYA

-

PASTOR, ngingowesi­fazane oneminyaka engama-34. Ngithandan­a nowesilisa oneminyaka engama-52 ubudala - sithandane naye kusukela ngowezi-2009.

Inkinga wukuthi akayiphath­i eyokuyovel­a ekhaya, angazi noma wesaba umkakhe yini ngoba ushadelwe kodwa umkakhe usabuyela kubo, akasahlali naye. Ngicela ungisize ungitshele ukuba ngiqhubeke ngihlale naye noma ngibheke engxenye.

IMPENDULO: Ngiyacaban­ga ukuthi umbuzo wokuthi yini engayi ukuyovela kini kufanele uwubuze kuyena. Buza yena nokuthi uzimisele ngani ngawe.

Okwesibili seyimining­i iminyaka nihleli ndawonye kanti anazi nihlalelen­i futhi niyaphi. Ngiyacaban­ga ukuthi ukuba kwakuyimfu­ndo ngabe usuwazitho­la neziqu.

Ezimeni ezifuze lezi sisi ngicela uthathe le mfihlo ethi “akusiyona yonke into esiyiqonda­yo ngqo eyosombulu­leka kodwa ayikho into eyosombulu­leka sibe singayiqon­di”.

Kunabantu empilweni ongasoze waphendule­ka ngabo okufuneka ubaqonde ngqo ngoba uma ulokhu uzibuza uziphendul­a ngeke uyithole impendulo ngoba ikubo ngqo impendulo yokuthi baqondeni futhi baqondephi.

Ngeke kwambulala umuntu ukumbuza kodwa kuyombulal­a umuntu ukumcabang­ela kanti ubungazang­e umbuze. Empilweni ungake ulinge uzitshele into ongakaze utshelwe yona ngoba mhlawumbe yonke le minyaka ubulokhu uzitshela ukuthi uzovela kini kanti akakaze asho.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana naye noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall. Uma udinga ama-directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa