NGICACISELE NGAMADLOZI
PASTOR, nginenkinga yokuthi uma ngithandana nentombi sithi sisathandane isikhashana nje sesiyahlukana, angazi ngenzenjani.
IMPENDULO: Mfowethu angizwelane nawe noma ngingazi ukuthi sekuze kwaba kangaki kwenzeka isimo esinjalo, futhi angazi kuyaye kuthathe isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba nehlukane.
Kunomuntu othi uma uhlangana naye abhoreke angazi ukuthi yini enihlanganisile.
Kulesi simo obhekene naso ake uzibuze ukuthi uma ulokhu uhlukana nama-ntombazane, unkulunkulu uma engaphinde akunike enye futhi yini ozimisele ngayo ngaleyo ntombazane noma uzimisele nje ngokuthandana nayo kuphela.
Zibuze ukuthi uma nihlukana nalaba bantu kukhona yini osuke uzimisele ngakho nabo noma nilaxazana ngoba kuwumjolo nje. Abantu bavamisile ukwehla etekisini uma beyibona ukuthi ayihambi. PASTOR, nginenkinga, bengithandana nomunye usisi kusukela ngowezi-2003, kwathi ngowezi-2004 sathola ingane, kuthe ngonyaka odlule ngathola ngodadewabo omdala kunaye ukuthi akusiyona eyami leyo ngane.
Ngathi ngiyambuza wabhoka ngolaka wathi uyahlanya udadewabo. Uthando lwethu alubanga luhle kusukela lapho, kwathi nonyaka ngabona kwi- profile picture yakhe ye-whatsapp esefake yena nale ngane nomunye ubhuti engingamazi wabhala ukuthi “ubaba nomama nendodakazi”. Iyangidla le nto, angazi ngenzenjani.
IMPENDULO: PASTOR, ngicela ukubuza ukuthi imimoya yabangasekho iyezwa yini uma siyikhulumisa. Ngabe iyidlozi ngempela yini? Ngabe inobudlelwane yini nentando kankulunkulu? Ngabe uyavumela yini umdali amadlozi ukuba siwakhonze?
IMPENDULO: Umbuzo owubuzayo mfowethu/dadewethu ubucayi kakhulu, akusiwo umbuzo impendulo yawo esingayiloba phansi ngoba abantu bazosuke bafunde ngendlela yabo.
Okwesibili bengifisa ukwazi ukuthi lo mbuzo owubuzayo uwubuziswa yini? Kukhona yini isimo obhekene naso esithinta izimo ezifana nalezi? Ngiyathanda sixoxe ocingweni lwami olungezansi.
Angifuni ukukhuluma bese nginyathela izinto zabanye abantu ikakhulukazi ngoba sibhala phansi nje hleze abantu bafunda bazihlaziyele ngendlela yabo. nishadile futhi umshado uyahlonishwa, ngiyacabanga ukuthi isimo esifuze lesi siyabadinga abantu abadala abaqhamuka emndenini wakho nasemndenini womyeni wakho, nomfundisi mhlawumbe woyedwa wenu ukuba bangenelele ekutheni lolu daba lungasombululwa kanjani.
Ngikubongele kulokhu kokuthi wakutshela ngalezi ezine izingane ngoba abanye bafihla zize zibe ndala.