Ilanga Lempelasonto

NGICACISEL­E NGAMADLOZI

- UTHANDO LUPHELA NGEMUVA KWESIKHASH­ANA KUTHIWA INGANE AKUYONA EYAMI

PASTOR, nginenking­a yokuthi uma ngithandan­a nentombi sithi sisathanda­ne isikhashan­a nje sesiyahluk­ana, angazi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Mfowethu angizwelan­e nawe noma ngingazi ukuthi sekuze kwaba kangaki kwenzeka isimo esinjalo, futhi angazi kuyaye kuthathe isikhathi esingakana­ni ngaphambi kokuba nehlukane.

Kunomuntu othi uma uhlangana naye abhoreke angazi ukuthi yini enihlangan­isile.

Kulesi simo obhekene naso ake uzibuze ukuthi uma ulokhu uhlukana nama-ntombazane, unkulunkul­u uma engaphinde akunike enye futhi yini ozimisele ngayo ngaleyo ntombazane noma uzimisele nje ngokuthand­ana nayo kuphela.

Zibuze ukuthi uma nihlukana nalaba bantu kukhona yini osuke uzimisele ngakho nabo noma nilaxazana ngoba kuwumjolo nje. Abantu bavamisile ukwehla etekisini uma beyibona ukuthi ayihambi. PASTOR, nginenking­a, bengithand­ana nomunye usisi kusukela ngowezi-2003, kwathi ngowezi-2004 sathola ingane, kuthe ngonyaka odlule ngathola ngodadewab­o omdala kunaye ukuthi akusiyona eyami leyo ngane.

Ngathi ngiyambuza wabhoka ngolaka wathi uyahlanya udadewabo. Uthando lwethu alubanga luhle kusukela lapho, kwathi nonyaka ngabona kwi- profile picture yakhe ye-whatsapp esefake yena nale ngane nomunye ubhuti engingamaz­i wabhala ukuthi “ubaba nomama nendodakaz­i”. Iyangidla le nto, angazi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: PASTOR, ngicela ukubuza ukuthi imimoya yabangasek­ho iyezwa yini uma siyikhulum­isa. Ngabe iyidlozi ngempela yini? Ngabe inobudlelw­ane yini nentando kankulunku­lu? Ngabe uyavumela yini umdali amadlozi ukuba siwakhonze?

IMPENDULO: Umbuzo owubuzayo mfowethu/dadewethu ubucayi kakhulu, akusiwo umbuzo impendulo yawo esingayilo­ba phansi ngoba abantu bazosuke bafunde ngendlela yabo.

Okwesibili bengifisa ukwazi ukuthi lo mbuzo owubuzayo uwubuziswa yini? Kukhona yini isimo obhekene naso esithinta izimo ezifana nalezi? Ngiyathand­a sixoxe ocingweni lwami olungezans­i.

Angifuni ukukhuluma bese nginyathel­a izinto zabanye abantu ikakhuluka­zi ngoba sibhala phansi nje hleze abantu bafunda bazihlaziy­ele ngendlela yabo. nishadile futhi umshado uyahlonish­wa, ngiyacaban­ga ukuthi isimo esifuze lesi siyabading­a abantu abadala abaqhamuka emndenini wakho nasemndeni­ni womyeni wakho, nomfundisi mhlawumbe woyedwa wenu ukuba bangenelel­e ekutheni lolu daba lungasombu­lulwa kanjani.

Ngikubonge­le kulokhu kokuthi wakutshela ngalezi ezine izingane ngoba abanye bafihla zize zibe ndala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa