Ilanga Lempelasonto

IZINTO OKUMELE UZIQAPHELE:

-

Uma ufaka isithombe sesithandw­a sakho kulindele ukuthi uma utag(a) u-bae noma u-boo, abantu abakulande­layo bazomlande­la naye noma bathumele isicelo sokuba wumngani naye.

Khumbula ukuthi kakubi yibo bonke abantu abasuke benezinhlo­so ezinhle ngokwenza lokho. Abanye babheka izithombe zakhe, bembheka ukuthi kungabe ungubani, bazame ukuthola into embi abangayish­o ngaye kanti abanye bangagcina sebencokol­a naye.

Uthando lwenu lugcina selunezigi­gaba eziningi.

Ngisho kungabe unabangani abambalwa enkundleni yezoku- xhumana kodwa ngeke wazi ukuthi ngubani ozothatha i- screenshot sento oyibhalile bese eyisabalal­isa, ugcina usuzisola nanokuthi wawukade ukubhalela­ni lokhu owakubhala.

Kungagcina sekunokunc­intisana ebudlelwan­eni.

Ezinye izithandan­i zigcina zixabanela izinto ezifana nokuthi ngubani ofaka izithombe eziningi kunomunye.

Uma wena usifaka njalo isinqamath­e sakho ekhasini lakho nawe uzolindela ukuthi senze okufanayo.

Uma kungenjalo ungagcina usuzitshel­a ukuthi sinomunye noma kasikuthan­di ngendlela osithanda ngayo. Kanti mhlawumbe singumuntu othanda ukugcina impilo yangasese ingeyangas­ese.

Kudaleka izinkinga uma senihlukan­a.

Uma senihluken­e kumele ukhethe ukuthi izithombe uzigcina ekhasini lakho noma uyazisusa. Uma ukhethe ukuzigcina kulindele ukuchazela uphathina wakho omusha ukuthi ngubani lo osekhasini lakho.

Amathiphu kwabathand­anayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a:

Uma uzobhala ngesithand­wa sakho ekhasini lakho, khuluma naso ngaphambi kokufaka izithombe zenu.

Gwema ukukhuluma ngezinto zasekamelw­eni kwazise izinkundla zokuxhuman­a zingezomph­akathi.

Izingxaban­o zenu mazingaphu­meli ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba uzozisola ekugcineni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa