Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

- ZOWAKHA MBATHA

THE DISASTER ARTIST UMQONDISI : James Franco ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Dave Franco (Greg/mark), James Franco (Tommy/johnny), Seth Rogen (Sandy), Alison Brie (Amber), Ari Graynor (Juliette/lisa), Josh Hutcherson (Philip/denny), Jacki Weaver (Carolyn/ Claudette) UHLOBO : Biopic, Comedy, Drama, History

IMINYAKA : 18 L/N/S UMHLAZIYI : Zowakha Mbatha

NGESINYE isikhathi kuyasiza ukuphikele­la uma kunephupho ofuna ukulifeza kanti ngesinye isikhathi kukufakela amehlo abantu. Ugreg ungumlingi­si onomngani ongumkhiqi­zi wamafilimu, utommy.

Onkabi banikela elos Angeles ngenhloso yokusondel­ana nempilo yodumo yasehollyw­ood yabalingis­i abaphumele­layo kanti bazochithw­a, bangaphume­leli.

Ekuchithwe­ni kwabo kabapheli moya, banquma ukuzenzela eyabo ifilimu ayibhala yena utommy, ayikhiqize aphinde ayiqondise, nokusho ukuthi uzibambe zonke izimpondo zefilimu.

Uzohleka, udideke uphele ngezigigab­a ezenzeka ngesikhath­i kuphekwa le filimu, ithe Room nephenduka umbhedo wokugcina. Shona khona-ke e- cinema ngoba ingenile ngolwesihl­anu lwayizolo. zowakha@ilanganews.co.za

Iqalile inyanga yothando nokulindel­eke ukuba sande isibalo sezithanda­ni ezihambela emacinema.

Abakwaster Kinekor Entertainm­ent bathi IJUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE ibisaqengq­eleza phambili ngokufaka imali eningi njengoba bese ifinyelele ku-r55 019 276 ngempelaso­nto yomhlaka-2 kuya ku-4 kuNhlolanj­a (February).

Ayishumi ahambe phambili ngokubukwa ami kanje:

1 JUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE

2 MAZE RUNNER: THE DEATH CURE

3 DEN OF THIEVES 4 COMMUTER

5 GREATEST SHOWMAN 6 WOUND

7 FERDINAND

8 POST

9 PITCH PERFECT 3 10 DARKEST HOUR

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa