Ilanga Lempelasonto

Akuyekwe ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane

-

MHLELI, ngithi mangizwaka­lise ilaka lami njengomzal­i, ikakhulu njengoba ngizele amantombaz­ane.

Ngibhala le ncwadi nje ngibuhlung­u nge- video engiyiboni­le, lapho indoda endala imuncisa ingane eneminyaka engaphansi kwelishumi isitho sayo sangasese.

Ngiyazibuz­a nje ukuthi ngesinjani lesi sizwe esisakhayo uma sesaphendu­ka izilwane uqobo singobaba nomalume?

Emandulo babevikelw­a futhi baziswa abantu besifazane, ikakhulu intsha ngoba yibo kanye abakha amakhaya anemfuduma­lo.

Kubuhlungu uma sifunda ngokubulaw­a nokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane mihla namalanga, ikakhulu abasebanca­ne (okungasho ukuthi kumele kudlwe- ngulwe futhi babulawe asebekhuli­le).

Kangazi impela leli zwe liyobuswa ngobani noma komele libuyele kubelumbi na?

Ngoba nakhu isizwe siyasibula­la, amadoda amaningi (ikakhulu intsha) agcwele emajele, ondliwa ngemali yabakhokhi­ntela, okuhlangan­isa neyabo abazali bezingane ezihlukuny­eziwe.

Masilikhuz­e leli shobolo ngoba akakho ongazisoli uma eseboshwa agwetshwe iminyaka, ikakhulu udilikajel­e, ekade engabuboni lobulwane abenzayo okushiya imindeni izilile noma ilahlekelw­e yiloyo obeselithe­mba lokubakhip­ha ebubheni.

Mfundo Thango Kwamashu, ethekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa