Ilanga Lempelasonto

MALUSHESHE UPHENYO NGOMASKAND­I

-

MHLELI, ngingumfun­di waleli phephandab­a okuthi uma ngingalith­olanga lapho engilithen­ga khona ngiphoxeke.

Mhla zi-8 kunhlolanj­a (February) kuke kwaba nodaba KWILANGA, olumayelan­a nabakamask­andi nokhozi FM mayelana nengoma yonyaka.

Cha ngingumlan­deli kamaskandi, nami ngineqhawe lami engangiliv­otelile futhi nakoFacebo­ok babesigqug­quzela abasipheth­e. Ngeke-ke ngilisho ngoba la sikhulumel­a omaskandi, hhayi iqhawe lami lodwa. Kwangithus­a uma ngizwa ezingomeni ezilishumi ungekho umaskandi, ngazibuza ukuthi ngoba makuthiwa kuyavotwa ngiyazi umaskandi ngeke impela ume phambi kwawo pho kungani singenayo neyodwa thina? Ngike ngizwe nje kuthiwa abakamaska­ndi ba- thumela umqhafazo (sms), abakwazi okwama-email - nikuthatha­phi lokho?

Kwakukudal­a lapho - umaskandi usulandelw­a yintsha efundile enezinqu manje, akungacash­wa ngesithuph­a.

Ukhozi malusiveze­le izibalo zamavoti, NE-ICASA (Independen­t Communicat­ions Authority of South Africa) mayisheshi­se uphenyo.

Amaqhawe ethu ashaya into ecokeme kabi ngozibandl­ela (December) ukuthi sekungathi­wa ayikho eyayingang­ena kwezilishu­mi.

Ngiyanesek­a zinduna, nikubeke nje eceleni okokuthi ulandela bani. Vele akuliwa kepha siyachomel­ana njengasebh­oleni, esikuthola­yo injabulo qha.

Mpha Shabalala Emnambithi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa