MALUSHESHE UPHENYO NGOMASKANDI
MHLELI, ngingumfundi waleli phephandaba okuthi uma ngingalitholanga lapho engilithenga khona ngiphoxeke.
Mhla zi-8 kunhlolanja (February) kuke kwaba nodaba KWILANGA, olumayelana nabakamaskandi nokhozi FM mayelana nengoma yonyaka.
Cha ngingumlandeli kamaskandi, nami ngineqhawe lami engangilivotelile futhi nakoFacebook babesigqugquzela abasiphethe. Ngeke-ke ngilisho ngoba la sikhulumela omaskandi, hhayi iqhawe lami lodwa. Kwangithusa uma ngizwa ezingomeni ezilishumi ungekho umaskandi, ngazibuza ukuthi ngoba makuthiwa kuyavotwa ngiyazi umaskandi ngeke impela ume phambi kwawo pho kungani singenayo neyodwa thina? Ngike ngizwe nje kuthiwa abakamaskandi ba- thumela umqhafazo (sms), abakwazi okwama-email - nikuthathaphi lokho?
Kwakukudala lapho - umaskandi usulandelwa yintsha efundile enezinqu manje, akungacashwa ngesithupha.
Ukhozi malusivezele izibalo zamavoti, NE-ICASA (Independent Communications Authority of South Africa) mayisheshise uphenyo.
Amaqhawe ethu ashaya into ecokeme kabi ngozibandlela (December) ukuthi sekungathiwa ayikho eyayingangena kwezilishumi.
Ngiyaneseka zinduna, nikubeke nje eceleni okokuthi ulandela bani. Vele akuliwa kepha siyachomelana njengasebholeni, esikutholayo injabulo qha.
Mpha Shabalala Emnambithi