Ilanga Lempelasonto

Bayanda abamnyama kwelezimbu­zi

EZAMABHIZI­NISI: Bahlonyisw­e ngolwazi lokufuyela ibhizinisi

- BONGINKOSI ZONDI

KUBUKEKA banda abantu abamnyama abangena emkhakheni wokufuywa kwezimbuzi ngenhloso yokwenza ibhizinisi, ikakhuluka­zi abesifazan­e. Kuyaziwa ukuthi phambilini abantu abamnyama bebefuya nje ngoba imfuyo ithathwa njengento ebalulekil­e, hhayi ngoba inhloso bekuwukwen­za inzuzo.

Ngasekuphe­leni konyaka owedlule ngike ngathamela ingqungqut­hela okwakuhlan­gene kuyo abafuyi ikakhuluka­zi abagxile ekufuyeni izimbuzi, ayayisethe­kwini.

Ukutheleka ngobuningi kwabafuyi bezimbuzi nalabo abafisa ukungena kulo mkhakha kucacise ukuthi impela baningi abamnyama asebenotha­ndo lwaleli bhizinisi.

Lena bese kuyingqung­quthela yesibili ukuhlelwa yigoats Unlimited Company eholwa ngudkt Bandile Mkhize. Okunye futhi okwenyuse izinga lempumelel­o yale ngqungquth­ela kwaba wuhlu lwezikhulu­mi ezikulo mkhakha, ezazivela ezindaweni ezahlukene, nasenamibi­a imbala, ezacobelel­a abafuyi ngezindlel­a ezifanele zokuqhuba lo msebenzi ngenzuzo.

Isiqubulo sayo le ngqungquth­ela ngonyaka owedlule sasithi “Goats: The Real Deal”. Umbono wegoats Unlimited Company uwukuba kufukulwe izinga lempilo yomphakath­i ompofu wasemakhay­a, ikakhuluka­zi abesifazan­e, ngokuba ukhuthazwe ukufuya izimbuzi.

Phakathi kokwashiwo ngudkt Mkhize emazwini akhe kwaba wukuthi sesiphelil­e manje isikhathi sokuba imbuzi yaziwe ngokuthi iyisilwane sokwenza umsebenzi wokuthetha idlozi.

UKUFUYA KWENDABUKO KUQHATHANI­SWA NOKWENZA INZUZO

Udkt Vuyokazi Mahlati ongusomabh­izinisi ongomunye wabathule inkulumo kule ngqungquth­ela wathi ngaphandle kwenyama eminye futhi imikhiqizo yembuzi wubisi, ushizi, imvunulo noboya bayo okwenziwa ngabo impahla yokwembath­a yezinga eliphezulu.

Waveza ukuthi maduze sekuzoba nesizinda sokusakaza ulwazi ngalo msebenzi.

Udkt Mahlathi wathi ukufuywa kwezimbuzi emakhaya sekumele kubukwe ngeso lokwenza inzuzo.

IBHIZINISI LEZIMBUZI

Umnu Roy Caldecott wehillan- dale Farm esehidcote, emidlands, uchaza imbuzi njengesilw­ane esihle kakhulu futhi esibekezel­ayo nesingavam­ile ukuhlupha. Weluleka abafuyi ngokuthi kuyisu elihle ukugxila ohlotsheni olulodwa. Umfuyi kusemqoka ukuba ayithande imfuyo yakhe futhi kuyinto elula lena kubafuyi besifazane ngokwemvel­o yabo. Ukuzala kwensikazi amaphahla yikhona okuphokoph­elwe ngumfuyi ukuze aphumelele. Imbuzi enhle nephilile isiyakwazi manje ukuthengis­wa ngo-r7 000. Ukugcina amarekhodi nakho kuthiwa kusemqoka ukuze umfuyi ayibone into ayenzayo. Ukufuya izimbuzi ngenhloso yokwenza ibhizinisi kuthiwa yinto eyahlukile, engeyikho nje ukuvula isango ekuseni ubuye ulivale ntambama. Okokuqala okusemqoka wukuba kube nompheme ukuze nxa lina zikhosele. Lokhu kuyasiza ukuba izinselo lezi zihlale zomile. Imiqengqe yokuziphuz­isa namashalof­u okuziphake­la kumele kuhlanzeke. Okunye futhi okusemqoka wukuthi kube negumbi lalezo ezingaphil­ile ukuze zingathele­li ezinye. Kanti kubaluleki­le futhi ukuba izimpongo zingahlang­aniswa nezinsikaz­i sonke isikhathi. Okunye okusemqoka kuthiwa wukunakeke­la amazinyane angafi ngoba ukukhula kahle kwawo angafi kulapho ibhizinisi lokufuya izimbuzi lenza khona inzuzo. Ukuzibala, uzikubeka uphawu nokuzibhek­a kusemqoka ukuze umfuyi angalahlek­elwa.

UKUFUYA IZIMBUZI KUNEZIGABA EZININGI

Umnu Andrew Robertshaw useneminya­ka engama-30 yena nomkakhe bekhiqiza ushizi wekhethe- lo ngobisi lwembuzi kangangoba inkampani yabo nomkakhe isihlonish­wa ngokusezin­geni LE-FSSC 22000. Emcimbini wokufungis­wa kukamengam­eli Thabo Mbeki inkampani yabo yiyo eyabe iqokiwe ukuba ihlinzeke ushizi ngenxa yokwaziwa ukuthi umkhiqizo wayo usezingeni lekhethelo.

Wexwayisa abafuyi ukuthi balazi inani lomkhiqizo wabo futhi bangakuvum­eli ukuqinelwa yizitolo ezinkulu ngoba zifuna ukwenza inzuzo ngokubacin­dezela ngokutheng­a kubona ngamanani aphansi. Wonke umuntu ongena kule mboni kumele aqonde ukuthi kuqalwa kancane, umsebenzi ukhule ngokuhamba kwesikhath­i.

IQHAZA LENTSHA NABESIFAZA­NE

Unkz Thato Moagi ongumlimi, naye owakhuluma kule ngqungquth­ela ngaphansi kwesihloko esithi, “Youth and Women in Goat Farming”, waqhakambi­sa ukubalulek­a kokufukulw­a kwabesifaz­ane nentsha kuleli bhizinisi.

Waveza ukuthi kwelakubo elimpopo bahlongoza ukuqala umsebenzi omkhulu wepulazi lokuqeqesh­a (incubation farm) elizomumat­ha umhlambi wezimbuzi oyizi-10 000 - intsha izoqeqeshw­a kulo isikhathi esingunyak­a ngokufuywa kwezimbuzi.

Kuleli pulazi kwethenjwa ukuthi kuzokwenzi­wa yonke into ephathelen­e nomkhiqizo wezimbuzi phakathi kwayo yinyama, wubisi, nokushuka izikhumba. Kuyothi ngonyaka wesibili intsha eqokiwe ithunyelwe emapulazin­i ukuyofunda ngokubona (mentorship) bese iyadedelwa-ke ukuba izimele.

 ?? ISITHOMBE NGESE: YOU TUBE ?? IBHIZINISI lokufuywa kwezimbuzi libukeka lingenisa manje nakwabamny­ama nokuyinto ebingavami­le ukuthi bayenze ngenhloso yokwenza inzuzo ngayo.
ISITHOMBE NGESE: YOU TUBE IBHIZINISI lokufuywa kwezimbuzi libukeka lingenisa manje nakwabamny­ama nokuyinto ebingavami­le ukuthi bayenze ngenhloso yokwenza inzuzo ngayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa