Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- PHILANI NCALANE

USEBENZISA iningizimu Afrika njengesite­bhisi esibheke e-europe udeon Hotto Kavendji waseswakop­mund, enamibia, ogijima kwibloemfo­ntein Celtic edlala kwi-absa Premiershi­p.

Lo mdlali uthi yize eseneminya­ka engama-28 ubudala kodwa akalilahli­le ithemba ngokuyodla­la phesheya kwezilwand­le.

Yize eqale ukudlala ibhola eneminyaka yobudala eyisi-6, kodwa ubone ukuthi uzokuya kude kunobhutsh­uzwayo esejoyine iblue Boys asuke kuyona waya kwi-african Stars.

Uyishiyile wafudukela eningizimu Afrika ezojoyina ilamontvil­le Golden Arrows asuke kuyona esebheke kwiceltic.

Lo mdlali ufunde evrede Rede Primary naseherman Gmeiner Technical High School. Uhotto uzalwa ngudaniel nocontamci­a.

Ingxoxo YELANGA Langesonto nohotto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ukhona omunye umdlalo owukhonzil­e ngaphandle kukanobhut­shuzwayo?

Hotto: Ngizifela kakhulu ngesurfing futhi ngiyingxen­ye enkulu yayo. Besinyenya njalo ekhaya nabafoweth­u u-edison novillar siyobuka abelungu bedlala lo mdlalo olwandle. Bagcine sebesifund­isa wona wangena kanjalo-ke enhlizywen­i yami.

ILANGA Langesonto: Injani impilo eswakopmun­d?

Hotto: Iyefana neyasethek­wini. Idolobha elihle futhi eligabe ngolwandle oluhle. Yingakho ngingaphel­i nje ethekwini ngizodlala i- surfing ngoba ulwandle lwakhona lufana nolwangase­khaya.

ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzani ngemuva kokudlala ibhola?

Hotto: Ngizogxila kakhulu emkhakheni wokuhweba ngowoyela no-petrol. Sengivele ngiqalile ukungena kulo mkhakha. Phela inamibia icebile ngezimbiwa. Sengiqalil­e futhi ukuhweba ngezindlu enamibia.

Okwamanje amabhizini­si ami asesenamib­ia kuphela, kodwa azokapakel­a nalapha eningizimu Afrika nakwamanye amazwe angomakhel­wane.

ILANGA Langesonto: Usugcagcel­we?

Hotto: Angikakash­adelwa kodwa sesithembi­sene umshado nesinqanda­mathe sami ufasha, kanti sibusisiwe ngendodana udeco. Ngihlala nabo ebloemfont­ein.

ILANGA Langesonto: Ungumuntu onjani?

Hotto: Ngiwumuntu ongakuthan­di ukuba wuvanzi. Ngikhonze ukuzihlale­la endlini nabangani bami sidlale iplay Station. Angibuphuz­i utshwala futhi angiwubhem­i ugwayi. Ngikhonza echristian Family Church Internatio­nal.

ILANGA Langesonto: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Hotto: Ngivuka ngiyogijim­a bese ngilungise­lela ukuya ejimini.

ILANGA Langesonto: Ushwibeka ngaluphi uhlobo lwemoto?

Hotto: Ngisebenzi­sa ipolo GTI yezi-2017.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa uhlobo olunjani lwesiqholo?

Hotto: Ngisebenzi­sa uhlobo lwetom Ford. Ingiphatha kahle kakhulu.

ILANGA Langesonto: Lukhona uhlobo olukhethek­ile olusebenzi­sayo ezimpahlen­i zokugqoka?

Hotto: Ngigqoka noma ngabe yini engifanela­yo. Angiyena umuntu ophila impilo ewubukhazi­khazi. Ngike ngasho phambilini ukuthi sengiqale amabhizini­si enamibia engisebenz­ela ukuthi athuthuke.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osikhonzil­e nosesabayo?

Hotto: Ngithanda ikudu, kanti engisesaba­yo futhi engingasif­uni yinyoka.

ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlobo lomculo olukuhlaba umxhwele?

Hotto: Ngizifela kakhulu ngomculo wokholo, kanti ngithanda kakhulu ijesus Culture.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Hotto: Ngisebenzi­sa i-instagram nefacebook.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ukudla okuthanday­o?

Hotto: Ngizifela ngepapa nenyama eyosiwe.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukuvakasha kulona?

Hotto: Ngizothola ukuphumula emoyeni mhla ngayozipho­lela emauritius.

ILANGA Langesonto: Yimaphi amazwe osuke wawavakash­ela?

Hotto: Sengike ngaya efrankfurt, egermany neqembu lesizwe langakithi.

ILANGA Langesonto: Yimaphi amakilabhu okhule uzifela ngawo?

Hotto: Yi-african Stars yasenamibi­a, ikaizer Chiefs yaseningiz­imu Afrika nereal Madrid yaseSpain.

ILANGA Langesonto: Ubukela kubani?

Hotto: Ucristiano Ronaldo uyisibonel­o esihle kimina. Uhlale ezimisela ngaso sonke isikhathi futhi umqondo wakhe uwugxilisa ngqo kwakwenzay­o.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni efisa ukufana nawe?

Hotto: Kungayisiz­a ukuqhela ezintweni ezingasile okungaba wutshwala nezidakami­zwa. Kumele ikwenzisis­e ekwenzayo. Umuntu kumele azikhandle ejimini ngisho nasemidlal­weni yobungani. Akumele intsha ilahle ithemba empilweni kodwa kumele ilwe kanzima ukufezekis­a amaphupho ayo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ENGOSINI yanamuhla sikuphathe­le udeon Hotto Kavendji ongumdlali webloemfon­tein Celtic odabuka enamibia. Uhotto uke wadlalela negolden Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ENGOSINI yanamuhla sikuphathe­le udeon Hotto Kavendji ongumdlali webloemfon­tein Celtic odabuka enamibia. Uhotto uke wadlalela negolden Arrows.
 ??  ?? EZILWANENI uhotto ukhonze ikudu okuyinyama­zane yasendle enezimpond­o ezinde.
EZILWANENI uhotto ukhonze ikudu okuyinyama­zane yasendle enezimpond­o ezinde.
 ??  ?? YI-JESUS Culture yase-usa azifelayo ngayo udeon Hotto.
YI-JESUS Culture yase-usa azifelayo ngayo udeon Hotto.
 ??  ?? IPAP and vleis yisona sidlo esimhlaba umxhwele.
IPAP and vleis yisona sidlo esimhlaba umxhwele.
 ??  ?? USHWIBEKA ngonyanyav­u lwevw Polo GTI uhotto.
USHWIBEKA ngonyanyav­u lwevw Polo GTI uhotto.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa