Ilanga Lempelasonto

UMDLALI WE-PSL ENKINGENI YOKUNONA

- SENZO SOKHELA

KUHLELI ijoka elinzima entanyeni yomdlali wecape Town City okuvela ukuthi angase akhonjwe indlela njengoba enenkinga eke yaxoshisa e-europe ubenni Mccarthy osengumqeq­eshi wakhe kule kilabhu eteketiswa ngelecitiz­ens.

Icity ijabulise abalandeli bayo imemezela ukuthi isayinise u-ayanda Patosi ( osesithomb­eni) obegijima kwi-lokeren yasebelgiu­m.

Lo mdlali bekubhekwe ukuba afike nezinguquk­o kwazise uchithe isikhathi esiningi elihlikihl­a e-europe.

Nokho udonsa kanzima kwi-absa Premiershi­p njengoba ekhuluphel­e ngokweqile kulokhu okufunwa yicity.

Emdlalweni lapho icity yehlule khona ibidvest Wits ngo-1-0 kwinedbank Cup Last 32 ngolwesith­athu ebusuku ebidvest Stadium, egoli, upatosi ukhishwe ngesiwombe sokuqala kubonakala ukuthi udonsa kanzima.

Leli phephandab­a lithole ukuthi izikhulu zecity zibhalele lo mdlali incwadi zimazisa ukuthi kufanele ehlise isisindo sakhe ngama- kilogram ayisi-6 kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya. Kuthiwa unikwe izinyanga ezimbili ukuba ehlise isisindo.

Leli phephandab­a lithinta ujohn Comitis ongumnikaz­i wecity ngalolu daba, uvumile ukuthi banenkinga enkulu ngesisindo sikapatosi kodwa wathi ngeke anabe kakhulu ngoba yinto elungiswa ngaphakath­i.

Kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni embalwa edlule umcCarthy, oqeqesha upatosi kwicity, uthwale kanzima kwiWest Ham United yaseEnglan­d ikhala ngokuthi unonile.

Igcine ngokumxosh­a emuva kokuba esehlawuli­swe izikhathi eziningi ngenxa yakho ukuhluleka wukwehlisa isisindo.

Naye umccarthy uke wakuveza ukuthi akeneme ngesisindo sikaPatosi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa