Ilanga Lempelasonto

UZIMISELE NGOKUBINGE­LELA NGEWINI KWI-ROYAL EAGLES

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMQEQESHI omusha weroyal Eagles uroger “Mshefi” Sikhakhane uzimisele ngokubinge­lela ngewini kule kilabhu azohlala ebhentshin­i layo okokuqala ngqa emdlalweni nehappy Wanderers kwinedbank Cup Last 32 namuhla ngesonto ngo-15h30 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont.

Usikhakhan­e utshele leli phephandab­a ukuthi nakuba kungeke kube lula kulo mdlalo njengoba bebhekene nekilabhu edlala kuma-amesha kodwa bazolwela ukunqoba kumnyama kubomvu. Uthi lapha uzoqala ngesikwati athemba ukuthi yisona azobhubhis­a ngaso nakwinatio­nal First Division (NFD).

Ujatshulis­wa wukuthi kuvunguza umoya wobunye kubadlali bale kilabhu selokhu eqale ukuyiqeqes­ha ngolwesith­athu ntambama. Uthi usayine inkontilek­a ezophela nxa kusongwa le sizini bese iyabuyekez­wa.

Uzobhekana newanderer­s ephekwa ngukenny Ndlazi ophethe irekhodi elihle lokufinyel­ela kowamanqam­u walo mqhudelwan­o elolonga ikilabhu edlala kwinFD ngesikhath­i ehola impumalang­a Black Aces iguqiswa yimamelodi Sundowns ngegoli likalerato Chabangu ngowezi-2008.

Undlazi uthe: “Siyilindel­e i-eagles.

"Ngiyazi ukuthi isendaweni embi kwi- log YENFD kodwa lokho akusho lutho ngoba abadlali bayo bazolwela ukuchaza umqeqeshi omusha. Siyomela amakilabhu adlala kwimotsepe. Ngiyazi ukuthi umlando kawusho lutho kodwa sizolwela ukukhombis­a abalandeli ingcwenga yebhola.”

Imidlalo esasele yenedbank Cup Last 32 imi kanje:NAMUHLA NGESONTO E-old Peter Mokaba: Mariveni United vs EC Bees Stadium 15h30.

Esugar Ray Xulu Stadium: Happy Wanderers vs Royal Eagles 15h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows 15h30 (SS4).

EDR Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Supersport United 15h30 (SS10).

NGOLWESITH­ATHU Emhlathuze Stadium: Richards Bay vs Bloemfonte­in Young Tigers 15h30.

Eroyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Baroka 19h30.

E-athlone Stadium: Stellenbos­ch FC vs Highlands Park 19h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa