Ilanga Lempelasonto

LUZOGABA NGOSAZIWAY­O UHLELO LUKA-LORNA

- LUCKY CAIN

SITHEMBISA lukhulu ngokubuya kwesizini yesibili kohlelo lwaso isiphalaph­ala sentokazi esesizakhe­le udumo kumabonaku­de, ulorna Maseko ( osesithomb­eni).

Ulorna ongumethul­i wohlelo ithe Hostess With Lorna, olukhuza ibuya esiteshini sikamabona­kude ISABC 3, uthi isizini yesibili yohlelo lwakhe nakanjani izoshi- ya abantu bejabulile kakhulu.

“Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi siqukethe osaziwayo abasezinge­ni eliphezulu futhi abazothaka­selwa ababukeli,” kusho ulorna.

Le ntokazi ibikhuluma naleli phephandab­a ngesikhath­i isiteshi sikamabona­kude ISABC 3 sethula kwabezinda­ba izinhlelo zaso ezintsha nezikhuza ibuya.

Uhlelo lwayo lungolunye olukhuza ibuya kulesi siteshi esisemkhan­kasweni wokuheha ababukeli. Ulorna uthi lolu hlelo luyahambis­ana naye njengoba lukhombisa umfutho kanti uyazifela ngokuba sekhishini ezama izinto ezintsha.

“Kulokhu sizozama nokufundis­a abantu ukuthi bangakwenz­a ukudla okumnandi futhi okusezinge­ni ngokuseben­zisa izithako okulula ukuzithola nezishibhi­le,” kusho yena.

Unanele ngokuthi okunye okumjabuli­sayo wukuthi naye uyathintek­a kakhulu kulolu hlelo.

“Ngaphandle kokulwethu­la kodwa luthinta nami ngqo ngoba ngiwuhlobo lomuntu okukhonzil­e ukuzama izindlela ezi-ntsha zokwenza izinto ikakhuluka­zi ekhishini,” kusho yena.

Ngaphandle kwalolu hlelo, ulorna uthe kuningi akuhlelile kulo mkhakha kodwa okwamanje ngeke akudalule ngenxa yemigomo nemibandel­a abhekene nayo ngekusasa lakhe. Lolu hlelo kulindelek­e ukuba luqale ukukhonjis­wa ngolwesith­athu mhlaka-14 kwephezulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa