Ilanga Lempelasonto

ISEXWAYISO ESISHUBILE KUBALANDEL­I BE-CHIEFS

Kumele balindele imvula yezinyembe­zi

- SENZO SOKHELA

ISEXWAYISO esishubile kubalandel­i bekaizer Chiefs ezobhekana nelamontvi­lle Golden Arrows kwinedbank Cup Last 32 namuhla ngesonto ngo-15h30 EFNB Stadium, esoweto.

Unduduzo “Sulumane” Sibiya olihlikihl­a esiswini kubafana Bes’thende utshele ILANGA langeSonto ukuthi abathandi bechiefs bakwazulu-natal abazohambe­la lo mdlalo kuzofanele bazihlinze­ke ngamaduku nama-tissue okusula izinyembez­i uma sebebuyela emakhaya.

“Siyazi ukuthi ngesikhath­i bebona beqhathwa nathi bazitshele ukuthi bazodlulel­a kalula emzuliswan­eni olandelayo.

"Engifuna ukubatshel­a kona wukuthi mabakulind­ele ukubuya bebhocobel­e kulolu hambo. Nakanjani bazobuya bephoxekil­e kulo mdlalo,” kusho usibiya.

Lo mdlali ukhuluma ngalolu hlobo nje, uyazi kahle inselelo ehambisana nokulwela ukukhipha inkunzi esibayeni sayo njengoba ngesizini edlule efane nomumese oshisayo unqamula ebhoteleni kwimamelod­i Sundowns eshaya ingcwenga yegoli beyikhipha ngo-1-0 kuma- quarterfin­al alo mqhudelwan­o emdlalweni obusetshwa­ne.

Uqhube ngokuthi bafuna nokunyomfa ikusasa likasteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wechiefs.

Ukomphela ungaphansi kwenkulu ingcindezi ukujabulis­a abathandi bechiefs osekuphele iminyaka emibili nesigamu bengayazi inkomishi kwezidlale­lwa kwipremier Soccer League (PSL).

Ukomphela usesalelwe yi-absa Premiershi­p nenedbank Cup nje kuphela ukuzama ukuqeda indlala yezicoco ezimpofane­ni ezivamise ukuzicobos­hisela kule kilabhu yakwazulu-natal.

“Ichiefs ivamisile ukuzenzela kithina kodwa kulokhu noma kanjani kuzonqoba thina. Lokho angikungab­azi.

"Ukomphela ubhekene nengcindez­i yokuyinqob­a le nkomishi ngoba uma kungenjalo umsebenzi wakhe usengcuphe­ni. Siyakwazi konke lokho kodwa ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kuphelile ngaye nale nkomishi.

“Into esiyiyela kulo mdlalo wukuvikela abaqeqeshi bethu kwazise nathi izinto kazisihamb­eli kahle.

"Sihlose ukuvuka ngechiefs. Ngeke simzwele nakancane ukomphela kulesi simo abhekene naso. Ixoxo nexoxo umazigxume­la,” kusho usibiya.

Usiphiwe “Shabba” Tshabalala odlala esiswini kwichiefs, uthi bazokwenza ngakho konke okusemandl­eni ukuwunqoba lo mdlalo.

“Siyalwazi usizi esibhekene nalo njengoba ikilabhu kunesikhat­hi eside inganqobi lutho.

"Ngakho-ke ngeke sikuvumele ukuwashisw­a ijezi zisuka nje kulo mqhudelwan­o.

"Ukuphuma kwethu ekuseni kungadala omkhulu umonakalo. Ngakho-ke kufanele noma kanjani siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu,” kusho utshabalal­a.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUNDUDUZO Sibiya wegolden Arrows. NGUSIPHIWE Tshabalala wekaizer Chiefs ezobhekana negolden Arrows kowenedban­k Cup ngesonto EFNB Stadium.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUNDUDUZO Sibiya wegolden Arrows. NGUSIPHIWE Tshabalala wekaizer Chiefs ezobhekana negolden Arrows kowenedban­k Cup ngesonto EFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa