Ilanga Lempelasonto

KUVALWE U-N1 NGENXA YENGOZI

-

UVALWE wonke uthelawaye­ka womgwaqo u-n1, egoli kulandela isibhicong­o sengozi eyenzeke ohlangothi­ni olubheke enyakatho.

Kudingeke ukuba amaphoyisa omgwaqo awuvale wonke ngenxa yenqwaba yezimoto ezibandaka­nyeke kule ngozi.

Okhulumela umnyango wamaphoyis­a omgwaqo egoli u-edna Mamonyane uthe le ngozi yenzeke ngemuva kuka10h45 ekuseni ngesikhath­i umshayeli weloli ehluleka wukubamba amabhuleki.

“Lokhu kuholele ekutheni leli loli lishayisan­e namanye amaloli amabili, kwase kushayisan­a izimoto eziyi-8.

Uthe bekunemibi­ko yabantu abavalelek­e ezimotweni zabo, yingakho kudingeke ukuba kuvalwe umgwaqo ukuze abezimo eziphuthum­ayo bezokwazi ukusebenza kahle.

“Besishiye umzila owodwa kulo mgwaqo uvulekile kodwa sanquma ukuba uvalwe wonke ngenxa yokwanda komsebenzi,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa