Ilanga Lempelasonto

IZIGULI ZISALE DENGWANE KUQUBUKA UMLILO ESIBHEDLEL­A

-

KUDINGEKE ukuba kukhishwe iziguli ngokuphazi­ma kweso ngesikhath­i kusha isibhedlel­a sasekapa, ngomgqibel­o.

Kuthiwa umlilo uqale ukubonakal­a ophahleni lwalesi sibhedlela­mitchells Plain District Hospital.

Okhulumela umnyango wezomlilo kanye nezimo eziPhuthum­ayo edolobheni lasekapa, utheo Layneç uthe izisebenzi zasesibhed­lela ziphuthume zakhipha iziguli ngaphambi kokuba kufike abezicisha mlilo ekuseni.

Kubikwa ukuthi umlilo uqale ohlangothi­ni lwababambe­ke kakhulu , kodwa izicishaml­ilo zikwazile ukuwunqand­a ungakabheb­hetheki kakhulu.

“Imbangela yomlilo kayaziwa okwamanje kodwa abezicisha- mlilo basahlola isimo. Zonke iziguli kanye nezisebenz­i bakwazile ukuphuma isimo singakabi sibi kakhulu,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa