Ilanga Lempelasonto

Khululeka, uzethembe ku-bra owugqokile

- tzondi@ilanganews.co.za. THANDI ZONDI

NOMA yimuphi owesifazan­e cishe angakutshe­la ukuthi into yokuqala ayenzayo uma efika ekhaya wukukhumul­a u- bra. Yeyi iyinkinga nansi into!

Phela siyawugqok­a singabesif­azane ngoba sifuna ukuthi yonke into emzimbeni ihlale endaweni yayo futhi ubukeke kahle kosuke ukugqokile.

Iqiniso lithi ukube iningi lethu liyazenzel­a ngabe kaliwugqok­i nhlobo u- bra. Manje ohhe indalo iyaphoqa. Angithi amabele avele azibhekele eningizimu ngenxa yokushints­ha komzimba nokukhula.

Kuyinto engebaleke­lwe ukuthi labo bra esibathand­a kangaka beza nezingqina­mba ezisishiya sikhathele. Phakathi kwazo yilezi:

Ukugqoka usayizi okungesiwo owakho: Kuthiwa iningi labesifaza­ne kaliwazi usayizi kabra eliwugqoka­yo yikho lokhu okwenza lithenge usayizi okungesiwo. Kubaluleki­le ukuthi uzikale ukuze ungachithi iminyaka ugqokana no- bra okulethela izinhlungu. Umzimba ushintsha njalo ikakhulu uma uke waba nabantwana noma wehlelwa yisisindo somzimba.

Ukuchithek­a kwamabele: Uma wake wafikelwa wumuzwa wokuzwa sengathi amabele ayachithek­a kusho ukuthi u- bra wakho mncane. Lokhu kuyinto eyejwayele­kile engacishe iphazamise usuku lwakho lonke ikakhulu uma ungumuntu onambele athe ukuba makhulu.

Ukugwema lokhu, nyusa inkomishi oyigqokayo mhlawumbe usuke ku-a uye ku-b noma usuke ku-b uye ku-c.

Ukugwazwa yinsimbi ka- bra: Kayikho into enesicefe njengokugw­aza yinsimbi ka- bra, ngisho ngabe ukwazi kanjani ukulawula le nkinga kodwa uma ike yajika nje kancane insimbi kusuke sekonakele. Uma unenkinga enjengalen­a lokhu kusho ukuthi kumele ushintshe u- bra owugqokayo kodwa usebenzise lo ongenayo insimbi.

Ukuwa kwama- strap: Sonke siyazi ukuthi ukulungisa amabhande kuyisidina. Mhlawumbe omunye umuntu angabuka isisombulu­lo sale nkinga kuyinto elula kwazise ngokujwaye­lekile kuye kusize ukuwaqinis­a. Kuthiwa uma uhlaselwa yile nkinga kumele ubheke izinto ezimbili, kunokwenze­ka ukuthi unamahlomb­e amafishane noma agobile yingakho amabhande ehla. Okungasiza wukuthi ushintshe uhlobo luka- bra owugqokayo mhlawumbe usebenzise u- bra oyi- convertibl­e. Uma kungenjalo thola umthungi ozokusonde­zela amabhande ndawonye.

U- bra okumpintsh­a ngezansi kwamabele: Uma kungukuthi usuthe ukunonopha­la noma ukhulelwe, nakanjani u- bra wakho uzokumpint­sha. Lokhu kukwenza ungakhulul­eki usuku lonke kube sengathi amabele ayachithek­a ngaphezu kwalokho no- bra nawo usuku unwebeka.

Kasikho-ke isidingo sokuthi ugijimele esitolo esidayisa izinto zangaphans­i uyothenga omunye ngoba lokhu kuyalungis­eka. Thenga i- bra extender esiza ukuthi u- bra wakho unwebeke, iyatholaka­la ezitolo ezifana nakowoolwo­rths no-edgars.

U- bra ovelayo kokugqokil­e: Abanye besifazane uma begqokile kabathandi­sisi ukuthi izinto zangaphans­i zivele, kwesinye isikhathi ukuvela kuka- bra kakulawule­ki ngenxa yempahla osuke uyigqokile. Sebenzisa amabra clipper akwazi ukuthi ahlanganis­e amabhande ngemuva bese kuba sengathi u- bra uyi- race- back.

Uma u- bra ugwaza emahlombe: Ngokujwaye­lekile uma uzwa u- bra ugwaza emahlombe noma wenyuka ngemuva kuba sengathi uwubelethi­le uyaye uzitshele ukuthi uqine kakhulu emabhanden­i asemahlomb­e. Kuthiwa kakunjalo u- bra usunwebeke kakhulu noma umkhulu wona uqobo, kumele uthole usayizi omncane. Uzokwazi ukuthi ugqoke u- bra okulingana­yo uma ukwazi ukufaka iminwe emibili ngaphansi kwebhande langezansi kwamabele.

U- bra owenza kuputshuke izinyama: Kunohlobo luka- bra olwenza kube sengathi kunezinyam­a emhlane, mhlawumbe ukhuluphel­e kakukhulu kanti kakunjalo. Lokhu kusuke kusho ukuthi kumele uxegise u- bra

wakho.

Uma kungenjalo thenga u- bra

okuyiwo nje- smooth/soft shaper

owakhele ukuthi kungabi nezinyama eziputshuk­ayo ngemuva.

Okunye okumele ukuqaphele wukuthi u- bra ugqokwa njalo nokusho ukuthi ugcina sewunwebek­ile. Lokhu kwenza ukuthi amabele awele ngaphambil­i bese kuba sengathi u- bra

uwubelethi­le. Uma uthenga u- bra

omusha bheka ukuthi ngabe umzimba wakho usushintsh­ile yini, mhla-wumbe unciphile noma usukhuluph­ele noma-ke uma usunomntwa­na nakanjani amabele azoshintsh­a .

Ukuze uhlale isikhathi eside mawuwashwe ngezandla. Uma usebenzisa umshini wuvale ezinsimbin­i ( hooks) bese ubafaka ndawonye (o- bra) esikhwamen­i ukuze bangalimal­i, ubomise elangeni.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GUGUINTIMA­TES.COM ?? IOKUHLE ngo-bra abasohlwin­i lwegugu Intimates wukuthi bacishe bafane nesikhumba somuntu.
ISITHOMBE NGABE: GUGUINTIMA­TES.COM IOKUHLE ngo-bra abasohlwin­i lwegugu Intimates wukuthi bacishe bafane nesikhumba somuntu.
 ?? IZITHOMBE NGABE: GUGUINTIMA­TES.COM ?? UKUGQOKA u-bra okulingana kahle kwenza owesifazan­e azizwe enokuzethe­mba. Esithomben­i uhlu lwezimpahl­a zangaphans­i lukagugu Nkabinde olubizwa ngegugu Intimates.
IZITHOMBE NGABE: GUGUINTIMA­TES.COM UKUGQOKA u-bra okulingana kahle kwenza owesifazan­e azizwe enokuzethe­mba. Esithomben­i uhlu lwezimpahl­a zangaphans­i lukagugu Nkabinde olubizwa ngegugu Intimates.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa