Ilanga Lempelasonto

Siyaphikis­ana nemibhikis­ho yokuvimbel­a ifilimu Inxeba

-

KUYINTO encomekayo ukuba abantu bakithi abampishol­o bazigqaje ngolimi lwabo kanye namasiko abo, ikakhuluka­zi esikhathin­i samanje lapho intsha yethu eningi ikubukela phansi lokho okungamagu­gu ethu.

Ukwenza isibonelo nje, isiko lakwaXhosa lokwaluka liseyigugu kubantu abaningi balesiya sizwe, kangangoba ngisho izifundisw­a zakhona esezahlala emadolobhe­ni zilibona libaluleki­le futhi ziyalivike­la kulabo abaligxeka­yo bethi seliphelel­we yisikhathi.

Ukugxekwa kwaleli siko yinto esivamile, ngenxa yokuba sekudlule emhlabeni amakhulukh­ulu entsha ngenxa yezinswela­boya eziwaka abazali imali, zithathe izingane zabo ziye nazo entabeni zethembisa ukuthi ziyazi ngaleli siko, zibe zingazi kahle ngokufanel­e kwenziwe.

Ukuzigqaja nokuvikela indlela yethu yokuphila thina abampishol­o kuhle, kodwa lokho kakusho ukuthi abantu kabanalo ilungelo lokuba nombono ohlukile ngamasiko ethu.

Yingakho kudumaza okwenzeke kulezi zinsuku ezedlule, lapho izinkampan­i zama- cinema onu Metro noster Kinekor, ziphoqelek­e ukuba zimise ukukhonjis­wa kwefilimu ebizwa ngokuthi Inxeba: The Wound, emayelana nesiko lokwaluka, ngenxa yokuthi kukhona abathile abaphikisa­na nokukhonji­swa kwayo emabhayisi­kobho akuleli, ngoba bethi okwenzeka “entabeni kuyimfihlo”, akufanele kwenekelwe izwe.

Abaphikisa­na nale filimu babambe imibhikish­o ecape Town nase Eastern Cape, besabisa ngodlame izinkampan­i zamabhayis­ikobho ukuthi zingalinge ziyikhombi­se kuma- cinema azo.

Isenzo sabanye bethu sokwesabis­a ngodlame uma kukhona abangahamb­isani nakho asamukelek­ile neze, futhi sifanele wukugxekwa ngoba siphambene nomthetho-sisekelo wezwe lapho wonke umuntu enelungelo lokukhulum­a nelokuhlan­gana nabanye abantu ngokukhulu­leka nangaphand­le kwezihibe.

Abantu banelungel­o lokuzithat­hela isinqumo ukuba bayayibuka yini le filimu noma cha, bangavinje­lwa ngabantu asebezibek­e njengamaph­oyisa alawula indlela amaciko atolika ngayo amasiko ethu.

Sinxusa izinkampan­i zama- cinema ukuba zingavumi ukwesatshi­swa, zimise ukukhonjis­wa kwale filimu.

Amaphoyisa mawabophe labo abaphula umthetho ngokwesabi­sa abanye, bashushisw­e ukuze kunqandwe ukwephula umthetho nokungabek­ezelelani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa