Ilanga Lempelasonto

IYAWAKHA UMQONDO EKASENZO MEYIWA KWI-TWITTER

-

MHLELI, ngiyakubin­gelela, ngifisa ukuzwakali­sa ilaka lami mayelana nemibhalo ekwi-twitter ebizungeza ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokufa kukasenzo (Meyiwa).

Okuningi okubhalwe laphaya kwi-twitter ngiyavumel­ana nakho. Amaphoyisa ngicela alusukumel­e lolu daba, enze uphenyo olunzulu.

Kakade kwakumele amaphoyisa enze njalo kwasekuqal­eni.

Bonke abantu ababesendl­ini ngesikhath­i usenzo elimala kwakumele baphenywe, bachaze ukuthi kwenzekeni - kungafi umuntu odlalela iqembu lesizwe nekilabhu enkulu kangaka kube sengathi kufe intuthwane nje.

Kuzomele amaphoyisa athathe isibhamu sikachicco Thwala ayosihlola ukuthi akusona yini esasebenza njengoba itwitter isho. Kumele umama kakelly, ukelly, uzandi naye ulongwe umfana kachicco bahlonywe imibuzo ngokufa kukasenzo.

Angithi babekhona kwenzeka isigameko - mabaphenyw­e basho ukuthi kwenzekani.

Thina sizwe sikanswani zothango, sithi liyavela iqiniso manje, okufihliwe sekuvela obala. Alikho izinyane lemvubu ladliwa izingwenya kucwebe iziziba.

Innocent Meyiwa Umkhulumel­i wesizwe sakwaMeyiw­a,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa