IYAWAKHA UMQONDO EKASENZO MEYIWA KWI-TWITTER
MHLELI, ngiyakubingelela, ngifisa ukuzwakalisa ilaka lami mayelana nemibhalo ekwi-twitter ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana ngokufa kukasenzo (Meyiwa).
Okuningi okubhalwe laphaya kwi-twitter ngiyavumelana nakho. Amaphoyisa ngicela alusukumele lolu daba, enze uphenyo olunzulu.
Kakade kwakumele amaphoyisa enze njalo kwasekuqaleni.
Bonke abantu ababesendlini ngesikhathi usenzo elimala kwakumele baphenywe, bachaze ukuthi kwenzekeni - kungafi umuntu odlalela iqembu lesizwe nekilabhu enkulu kangaka kube sengathi kufe intuthwane nje.
Kuzomele amaphoyisa athathe isibhamu sikachicco Thwala ayosihlola ukuthi akusona yini esasebenza njengoba itwitter isho. Kumele umama kakelly, ukelly, uzandi naye ulongwe umfana kachicco bahlonywe imibuzo ngokufa kukasenzo.
Angithi babekhona kwenzeka isigameko - mabaphenywe basho ukuthi kwenzekani.
Thina sizwe sikanswani zothango, sithi liyavela iqiniso manje, okufihliwe sekuvela obala. Alikho izinyane lemvubu ladliwa izingwenya kucwebe iziziba.
Innocent Meyiwa Umkhulumeli wesizwe sakwaMeyiwa,