Ilanga Lempelasonto

Yenza owe-uefa ihawu ichelsea

Izinto kaziyihamb­eli kahle kwi-english Premiershi­p

-

IVIKA ngokubuyel­a kwi-uefa Champions League ichelsea edonsa ngodizili kule sizini ekubeni kuyiyona evikela indebe ye-english Premiershi­p.

Ichelsea iqhathwe newest Brom kowe-premiershi­p kusasa ngomsombul­uko ngo-22h00.

U-eden Hazard ogijima kule kilabhu, uthe bebevele bazi ukuthi kuzokuba nzima ukuvikela le nkomishi.

“Kunzima ukudlala kwi-premiershi­p nakwi-uefa ikakhulu uma kuyinina enivikela inkomishi ngoba isuke inkulu kakhulu ingcindezi. Le sizini kayisiphet­he neze kahle,” kusho lo mdlali.

Inkulumo yakhe yenanelwe nguAntonio Conte ongumqeqes­hi wale kilabhu.

Uthi kube lula ukunqoba i-premiershi­p ngoba bebengekho kwiChampio­ns League.

Uthi okunye okumsizile wukuthi ubeqala ukulolonga kwi-english Premiershi­p abaqeqeshi abaningi bengawanak­ile amaqhinga akhe.

Ichelsea inenebulwe yiwatford ngo-4-1 ngeledlule.

Imidlalo yayo icinene eduze njengoba ngolwesihl­anu iqhathwe nehull City kowefa Cup bese idudulana nebarcelon­a yasespain kowe-champions League mhla zingama-20 kwephezulu.

Ngemuva kwalokhu izovakashe­la imancheste­r United nemanchest­er City bese ibhekana nebarca kowomlenze wesibili ozokuba mhla zili-14 kundasa (March).

Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Huddersfie­ld Town vs AFC Bournemout­h 14h00 (SS4).

Newcastle United vs Manchester United 16h15 (SS4).

Southampto­n vs Liverpool 18h30 (SS4). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Chelsea vs West Bromwich Albion 22h00 (SS4).

Eyespanish La Liga iqhathwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO Sevilla vs Girona 13h00 (SS7). Barcelona vs Getafe 17h15 (SS7). Celta de Vigo vs Espanyol 19h30 (SS7).

Valencia vs Levante 21h45 (SS7). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Deportivo La Coruna vs Real Betis 22h00 (SS7).

Kunzima ukudlala kwipremier­ship nakwi-uefa uma nivikela inkomishi...

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILYPRESS.COM ?? NGU-EDEN Hazard ongumdlali wechelsea ebhedelwa yizinto kulezi zinsuku.
ISITHOMBE NGABE: DAILYPRESS.COM NGU-EDEN Hazard ongumdlali wechelsea ebhedelwa yizinto kulezi zinsuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa