UCACISA NGEKUSASA UMDLALI WE-PIRATES

Uthi unesifiso sokugijima osuthwini ngesizini ezayo

Ilanga langeSonto - - Front Page - SENZO SOKHELA

UMDLALI we-orlando Pirates ophelelwa yinkontileka nale kilabhu uma kusongwa le nyanga, uphumela obala ngekusasa lakhe kule kilabhu ehlonishwa i-afrika yonke.

Inkontileka ka-ayanda “Malume” Gcaba odlala emuva kwipirates iyaphela uma kusongwa isizini.

Lo mdlali ngesizini eyedlule ubebolekiswe kwiplatinum Stars egcine igencwe yizembe.

Akayigijimanga imidlalo emibili yeplatinum yokuhlunga ngenxa yokuthinteka okuncane edolweni.

Njengoba ubebolekiswe kuze kuphele isizini nje kubhekwe ngabomvu ukuthi kuzokwenzakalani ngaye kwazise kubukeka abaqeqeshi bebucs bengasazimisele ukusebenza naye.

Engxoxweni ekhethekile ugca- ba abe nayo naleli phephandaba, ulinekele konke ngokwenzeka kuyena.

“Njengamanje angifuni ukuqamba amanga, angazi ukuthi kuzogcina kwenzakaleni ngekusasa lami nepirates ngoba umphathi wami umike Makaab kufanele ahlangane nosihlalo wekilabhu u-irvin Khoza baxoxe ngesimo sami njengoba inkontileka yami iphela nayo uma kusongwa le nyanga.

"Engingakusho nje wukuthi ngokubona kwami ngeke ngibuyele kwipirates kanti nami ngizizwa sengathi kufanele ngishintshe umoya manje ngiyodlala kwenye indawo.

"Sengihlale iminyama engu-6 ngadlala kweyamanqamu engu-8 kuyona yonke nganqoba indondo eyodwa yegolide sinqoba inedbank Cup.

"Kufanele ngishintshe umoya manje. Ngikholwa wukuthi yisona isikhathi lesi,” kusho ugcaba.

Umqeqeshi wamazulu FC ucavin Johnson uke wakuveza kuleli phephandaba ukuthi angakujabulela ukusebenza noGcaba ngenxa yesipiliyoni sakhe nokuthi ungumfana wendawo.

Ugcaba uthi naye angakujabulela ukudlala kumazulu ngoba ubona kuyikilabhu engase imangaze abantu abaningi ngesizini ezayo.

“Akekho omuntu ongeke akujabulela ukudlala ngasekhaya nami ngingajabula kabi uma ngingase ngidlalele Amazulu.

"Bengiwalandela ngesizini eyedlule. Abe nesizini enhle futhi angingabazi ukuthi ngezayo azomangaza abantu abaningi.

"Ngike ngakhuluma nabadlali bawo abanjengomabhuti Khenyeza, u-okoriko Sedate nombongeni Gumede bakubeka kwacaca ukuthi bangakujabulela ukuthi ngizodlala nabo siyibambe sonke ukufukula le kilabhu.

"Kodwa ngiyakuqonda ukuthi akukho ezandleni zabo ukusayinisa abadlali ngakho-ke ngilindele noma yini,” kusho ugcaba.

Ngokugencwa yizembe kwePlatinum, umunwe uwuqondise kubadlali wathi abazange bakhombise ukuzinikela.

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo kuma- play off ububona nje ukuthi ozakwethu abazinikele.

"Awukwazi ukuthi ungathola imiphumela efanayo kwiligi nakuma- play off.

"Ububona nje ukuthi kunozakwethu abadlala sengathi bagcina icala, abazi ukuthi lidumephi.

"Ngiyabazwela kakhulu abalandeli bale kilabhu ngoba igcine igencwe yizembe kodwa umunwe kufanele uqondiswe kubadlali,” kusho ugcaba.

AYANDA Gcaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.